IMK Party inqume izimpiko uBonginkosi Khanyile
Iqembu lezepolitiki iMK Party inqume amaphiko lwehlisa uBonginkosi Khanyile esikhundleni sokuba umxhumanisi wophiko lwentsha.
Nencwadi esemthethweni isiphumile yazisa uKhanyile ngesinqumo sokugudluzwa kwakhe esikhundleni ngokushesha kwathiwa uzoba ilunga elijwayelekile nje.
Ikubeke kwacaca ukuthi ugudluzwa esikhundleni ngaleso sikhathi.
Ukukhishwa kwakhe esikhundleni akubanga nazo izizathu ezibekiwe.
Phambilini uKhanyile wabhekana nezinsolo zokuhlongoza udlame ngo Julayi 2021.
Asanda kukusho uKhanyile ngomlomo wakhe ukuthi uncamela ukuboshwa uma uJacob Zuma engavunyelwa akuba avotelwe. Wathi uzolidunga ukhetho. Lenkuluno yenze bamungabaze uKhanyile kwezepolitiki.
Ngaphandle kukaKhanyile ogudluziwe esikhundleni kubalwa noThapelo Maisha kanye noPhilani Gazuzu Nduli.
Lolu shintsho ludide abaningi kwazise inkantolo isanda kumkhipha phambili uJacob Zuma ecaleni alidlulisa efuna ukuya ePhalamende uma iMK iwina okhethweni.