Ezokungcebeleka

UCassper umfuna eringini uMthandeni abagejene naye 

Aphe Gcwabe

UMCULI weHip Hop uCassper Nyovest usecele udede eringini babovane inkani noMthandeni wodumo lwengoma iGucci ayicula noMawhoo.

Umsindo ususwe ukuphumela obala kwalo mculo ukuthi indondo yeSong of the Year kumaSouth African Awards (SAMA) ibifanelwe uTyla osehlabene ngisho nangendondo yeGrammy.

Umcimbi wama SAMA ububanjelwe Gallagher Convention Centre eMidrand, eGoli, ngoMgqibelo ebusuku owedlule.

“Mthandeni SK, ngiyaxolisa uma udinwe ukuthi ngithe uTyla unengoma enkulu ngaleyo ndlela imfanele kube eyonyaka. Bengingahlosile ukudelela noma ukuphula umphefumulo. Bengingasho kabi, kodwa uma ufuna ukuliqhubeza lolu daba ayihlangane eringini,” ubhale kanje enkundleni yokuxhumana iX.

“UCassper Nyovest yilabafana abasindwa izikhindi le koHip Hop uzovuka ngathi la kuMaskandi ngizolishaya lelidada,” usho kanje uMthandeni.

“Kahlehle umfuna eringini” kuphawula uTira.

UNyovest uyaziwa ukuthi uyazifikela endodeni. Ngo-Okthoba 22 washaya ngimqgimuzo walala phansi umculi weHip Hop uPriddy empini eyayibanjwe eSunBet Arena eTime Square, Pretoria. Le mpi yaphela kisaliwe imizuzu emibili.

Abaningi ezinkundleni zokuxhumana banxenxa uMthandeni ukuthi angavumi ngoba uyobuya emabokoboko.

Related Articles

Back to top button