UBheki Cele novalo lwezigebengu abezibopha esekuhulumeni
UMNUZ Bheki Cele usezwakalise ukuba novalo lokubhekana ngqo nezigebengu abezibopha esenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuwelonke.
UCele ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nesiteshi iVuma FM ohlelweni lukaBongani Mtolo.
Uthi uHulumeni akadlali uma usukhishiwe ekubeni uNgqongqoshe akulindwa ngisho inyanga ukuba uphucwe ubukhazikhazi obuphila ngabo.
“Uyabona kumanje ngisele nesikorokoro sami ngoba bazithathe zonke izinto zabo okuhlanganisa nabaqaphi. Abalindi ngisho inyanga uma usuphumile emandleni ekutheni bakuphuce. Uyabona nje mina ngizakhele izitha eziningi ngikuHulumeni. Kade ngibuka ezindabeni ezinye izigebengu ezesatshwayo zaseKapa esasizijaha zazezaboshwa ukuthi zisenkantolo manje. Labo bantu nabanye bayabuya bezothi wendoda uyakhumbula ukuthi wangenzani. Nami njengomuntu akukho engisangakwenza,” kusho uCele.
Uthi manje usengumuntukazana nje ojwayelekile ozishayelela imoto yakhe ngoba yonke lenqwaba yamalambu aluhlaza abehamba ngayo umbuso wayithatha eqeda nje ukuphuma esikhundleni.
Uxwayise ngokuthi kubalulekile kosopolitiki ukuthi bangazitsheli ukuthi sebeyoba oNgqongqoshe kuze kubesekugcineni ngoba ziyakhala uma sebekuphuca izimoto nabaqaphi ngoba isikhundla singasekho.
“Mina ngizisize ngokwamukela futhi nangesikhathi ngisazabalaza emahlathini ko-Angola angikaze ngizitshele ukuthi ngiyokengibe uNgqongqoshe. Yingakho nangesikhathi ngisenguNgqongqoshe bengibuye ngizishayelele kuze kuthethe ithimba labaqaphi bami. Bengenzela ukuzijwayeza ukuthi mhla kwafika lezi zimo ngingabinayo inkinga,” kusho uCele.
Scrolla.Africa