Ezemidlalo

Unyelwe yinyoni esandleni obesephelelwe yindawo kwiChiefs

UNYELWE inyoni esandleni u-Itumeleng Khune egixabenzwa yinkampani yokubheja noma ukugembula iTop Bet ngomsebenzi wokuba yinxusa lale nkampani.

Lezi zindaba zimenyezelwe ngoLwesithathu emhlanganweni nabezindaba eBrynston, eGoli.

“Emnyakazweni ongase ujike imboni yezokubheja eNingizimu Afrika, iTop Bet iyaziqhenya ukwethula ubudlelwano bayo no-Itumeleng Khune.

“Njengoba aziwa ngokuzinikela kwakhe, uKhune uzoba sekhaleni lemikhankaso yeTop Bet yokunikeza uhlelo lokubheja olungcono, nokusiza akufukuleni imiphakathi eNingizimu Afrika yonkana.

“Lobu budlelwano buthembisa ukulethela abalandeli indlela yokubheja ejabulisayo, nezokwenza babuke imidlalo abayithandayo ngelinye iso,” kusho abeTop Bet.

UKhune akukacaci ukuthi kwenzakalani ngaye kwiChiefs njengoba iqembu lakuveza ukuthi alisafuni aqhubeke nokudlala.

Ube esethenjiswa umsebenzi ohlakeni lwezokukhangisa kodwa kwavela ukuthi umanqika ngalo msebenzi.

Enye yezinto ezivelile wukuthi uma ethatha lo msebenzi, ubezovimbeka ekwenzeni ezinye izinto eceleni njengakho nje ukuba yinxusa leTop Bet.

Kuzokhumbuleka ukuthi iKaizer Chiefs iphoxe izinkumbi zabalandeli ibhaxabulwa iMamelodi Sundowns ngo 4-0 emdlalweni weCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku.

ISundowns beyizenzela umdlalo uqala waze wayophela futhi ibingabasela inqwaba yamagoli ngaphezu kwalawa amane ewashayile kuvimbe uFiacre Ntwari waseRwanda eFNB Stadium.

Igoli lokuqala leSundowns langene ngomzuzu ka-14, okwaba yiphenathi eyavalelwa enethini u-Iqraam Rayners wasala uNtwari ebhuquza.

Related Articles

Back to top button