Ungqimphothe kuNgizwe ngamakhosi kaZulu awabiza ngezidakwa
Philasande Luthuli
UNGIZWE Mchunu uhoxise amazwi wakhe lapho ebiza khona amakhosi kaZulu ngezidakwa.
UMchunu uqophe ivideo ayinameke ezinkundleni zokuxhumana eshweleza ethi kwasheleeka ulimi ephimisa lawo magama.
Iqiniso ngiyolukhuluma libuhlungu libaba linjalo, uma nginephutha futhi ngiyowahoxisa amagama ami.
Uyabona leya nkulumo yami ngangibhekise kwizimeya zeNkatha bakhona nabe-ANC abakwenzayo lokho kodwa ugqwa gqwa.
Usiko lweNkatha lwakhelwe ngaphansi kwesisekelo samakhosi.
Enkulumweni yami yokuthi amakhosi athola izinkomo ayodla nemindeni yawo amanye wayo adakwe utshwala.
“Anginalo ilungelo lokusho lokho njengomntwana wakwaZulu, okhuluswe kahle futhi wasebukhosini. Noma ngabe uyambona ubaba wakho ukuthi “udle” kangananani kwase kungamawala nje lawo angenasdingo. Ngiyakuhoxisa lokho ngokungenambandela. Awunalo ilungelo lokutshela ubaba wakho ukuthi udakiwe noma yayingekho inkosi engangiqondise kuyo ngqo, lokho kwakungamukelekile,” usho kanje.
Nakuba exolisile kodwa uthi usamile kwayekusho ngamakhosi ahlala kwaShemb engasagoduki. Uthi izwe elingenazo “izinhlanya” eziphahluka iqiniso lelo lizwe lifile.
Ukhuluma kanje uMchunu usanda kubaleka esindisa impilo yakhe eMpangeni ngase-Richards Bay ngemuva kokuthi amabutho nabaholi bawo bezame ukumshaya bemxosha emcimbini wesintu obuhlelwe inkosi uZungu.
Umholi walezi zinhlaka, induna uXulu, uthe bebezama ukumvikela ezinhlakeni nakubaholi bomdabu abebemsola ngokubahlambalaza ezinkundleni zokuxhumana.
UMchunu udale udungunyane ngesikhathi ethuka uMfundisi uThulasizwe Buthelezi onguNdunankulu weSilo uMisuzulu KaZwelithini.