Bamgile igoda otsotsi baseSoweto owayedlala kwiChiefs
AMAPHOYISA aseGoli aseqale uphenyo kulandela ukuntshontshwa kwezimpahla emotweni kaBernad Parker (38) nowayengumdlali oqavile kwiKaizer Chiefs.
Ngokombiko weDaily Sun lesi sigameko senzeke enxanxatheleni yezitolo ezisanda kuvukwa e-Eyethu Shopping Centre eMofolo, eSoweto.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uLieutenant-Colonel Mavela Masondo usiqinisekisile lesi sigameko esibikwe kubo ngoSeptemba 24 kwavulwa necala lokuntshontsha.
“Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi umgilwa wayepake imoto yakhe enxanxatheleni yezitolo eSoweto ngesikhathi entshontshelwa. Uthe esebuya umgilwa ezitolo wabuya iwindi lemoto yakhe lifile kwantshontshwa ilaptop, umakhalekhukhwini, iPad, tracksuit nokunye okuningi. Nokho amukho osaboshiwe ngalesi sigameko,” kusho uMasondo.
UParker usanda kushiya ukudlala ibhola elikhokhelwayo ngaphansi kweTS Galaxy ngenxa yokulimala emdlalweni weCarling Knockout Cup bedlala neMamelodi Sundowns.
Kulo mdlalo owawudlalwa ngo-Okthoba 18 uParker waphuma ngohlaka enkundleni ngesikhathi edlaliswa kabi uBongani Zungu.
Nokho uParker akaliphonsangabithawula ebholeni njengoba engumqeqeshi manje.