Ithimba lonjiniyela kwibhuluho elinqamukile kuN-2 ngaseZimbokodweni
SEKUKHISHWE ithimba lonjiniyela eliseqophelweni eliphezulu ukuyobheka umgwaqo ohlukana phakathi kwibhuloho kuN2 ngakuJoyer Road ngase Siphingo.
Abasebenzisi bomgwaqo abakhahlazemekile yilabo ikalukazi abasuka eThekwini bebheke eManzimtoti.
Kusolwa imvula ebamandla kulezi zinsuku njengoba izangoma zezulu zibikile ngokushuba kwesimo sezulu esikhona nekulindeleke ukuthi siqhubeke kwaZulu-Natal nakwezinye izingxenye zezwe.
UTrevor Zumani wakwaSANRAL uthe bakhiphe ithimba lonjiniyela ukuba liyobheka ukuthi mngakanani umonakalo owenzekile emgwaqeni.
“Okwamanje esikwenzayo, sikhiphe onjiniyela abawochwepheshe kwizakhiwo. Bazohlolisisa babheke inkinga ukuthi ingakanani ukuze kube nenqubekela phambili. Kungenzeka kube ilokhu esikusolayo noma kube ngaphezu kwalokho, mhlawumbe kusezimpandeni zesakhiwo,” kusho uTrevor.
UTrevor uthi okwamanje umonakalo usabukeka umncane, kodwa zimbili izinto ezingadala umonakalo. Kungaba ipier okwiyona esezimpandeni zebridge, engadala umonakalo omkhulu futhi kuthathe isikhathi eside ukuthi ilungiswe.
“Kungenzeka futhi kube amabearings ngaphansi kwebhuloho kodwa awayona inkinga kakhulu ngoba uma kungamabearings abambe ibridge azosheshe alungiseke. Nokho kuzodingela ochwepheshe ukulilungisa,” kuqhuba yena.
Okwamanje uthi balinde imiphumela kochwepheshe, ukuze kubonakale inqubabekela phambili.
Kucelwa abashayeli ukuba basebenzise ezinye izindlela nokuba bashayele ngokucophelela kulesimo sezulu. Kuphume isexwayiso sokuthi sisazoqhubeka nokushuba isimo sezulu.