Izindaba

Udilikajele kowafaka eyamalobolo entombini

INKANTOLO ephakeme yaseGoli, imgwebe udilikajele uLouis Serenetra Moyo (49) ngemuva kokumthola enecala lokugwaza abulale owayeyintombi yakhe uThabile Khoza.

Inkantolo ibe seyengeza ngezinyanga eziyisithupha ngaphezulu ngecala lokuba kuleli ngokungemthetho.

Lomshophi wenzeka ngoMashi 2020 ngesikhathi lezi zithandani zihlala ndawonye emqashweni.

USgt Mkhize wasesiteshini samaphoyisa eProtea obengumseshi uthole ukuthi kwasuka ingxabano kubangwa imali engango R15 000.00.

Lemali eyayigcinwe kwi-account kaKhoza kwabe kweyamalobolo akhe, kwazise uMoyo wayengakwazi ukuvula esegameni lakhe njengoba ekuleli ngokungemthetho.

Kwaba khona ukuhilizisana phakathi kwezithandani okwagcina uMoyo eseshaya uKhoza ngezinto eziningi waphetha ngokumgwaza, washonela lapho.

Wabe eseyabaleka uMoyo endaweni yesigameko.

Umastende wathola isidumbu ngemumva kwezinsuku ezintathu endlini yabo sidindilizile futhi sesonakele.

Wabe esebika emaphoyiseni, kwavulwa icala.

Kwaqalwa kwathungathwa uMoyo, watholakala emuva kwesikhashana.

Wabe eseyaboshwa, kwatholakala ikhadi lasebank, ID, kanye neselula kaKhoza. UMoyo uwavumile womabili amacala akhe.

Basincome kakhulu isinqumo seJaji sadilikajele abesikhungo sezokushushisa kuleli.

Bagxeke isenzo sika Moyo, bathe abahambisani nodlame olweyamene nobulili beyisikhungo.

Related Articles

Back to top button