Uzowudlela ejele uKhisimusi obhunyele indoda ngabilayo yafa
UNQANTSHELWE ibheyili uCatherine Machete (42) owabhunyela indoda yakhe uMokhwakhwa ngamanzi abilayo agcwele amabhodwe amane yafa.
UChatherine obhekene necala lokubulala ubeqashwe njengonogada abadume ngamaPanyaza eGoli nokho usexoshiwe emuva kokuboshwa.
IMantshi ilalele ukufakwa kwesicelo sebheyili kwamsolwa ngosizo lommeli kahulumeni uThulani Kekana oveze ukuthi umsolwa akakulungele ukugqunywa eKgosi Mampuru II Correctional Centre.
Uzeseke ngokuthi umsolwa ukhulelwe, usanda kuhlinzwa futhi kugcwele ngokweqile emajele akuleli.
IMatshi uThandi Theledi imtshele kwezikabhoqo ukuthi akakulungele ukuthola ibheyili ngoba uyingozi kwakuyena uqobo angagcina ngokuzibualala.
“Umsolwa uyingozi angazibualala. Ukumkhipha ngebheyili kuzobe kuwukuhukela phansi umphakathi kwazise kumanje uhlome uyingovolo futhi ngeke ujabule uma umbona engaphandle. Akusiye umuntu okulungele ibheyili lo, ngaleyo ndlela uzogcinwa ngaphathi,” usho kanje.
Kulandele inhlokomo abantu bejabulela isinqumo seMantshi eNkantolo ebigcwele phama izihlobo zikamufi nozakwabo emsebenzini.
Umfowabo kamufi u-Andrew Machete uthe ujabule.
“Ngijabulile unqatshelwe ibheyili ubulungiswa kwenzekike, silahlekelwe umfowethu. Lo kumele agqunywe ejele agwetshwe udilikajele,” usho kanje.
Icala lihlehlele uJanuwari 20 ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Lesi sehlakalo esashaqisa nomakhelwane endaweni senzeke ekhaya labo labashadikazi ngoSeptemba 18 ekhaya labo eSoshanguve ePitoli.
Kwaphela izinsuku eziyisikhombisa uMokhwakhwa enginiswe esibhedlela washona.
Laba bashidikazi bebebusiswe ngezingane ezintàthu.