Izindaba

Amaphoyisa asehlabe ngenhlamvu abulala amadoda (4) abefuneka

Bahle Mkhize

BASALE enkundleni abesilisa abane abebegagazisana ngenganono namaphoyisa eMooi River, kwaZulu-Natal.

Abazibonele ngawabo bathi ubungafunga ukuthi ifilimu kwazise lesi sigameko besenzeka izimoto zigijima ngesivinini esiphezulu zivika nezinye emgwaqeni.

Labasolwa bebefunelwa amacala okubulawa kwabantu embonini yamatekisi.

“Ngesikhathi kujahwana ngezimoto abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Azivikelile avikela nabasebenzisi bomgwaqo ngokudubula bebhekise kubasolwa. Abantu abane ababegibele leyo moto bafile. Kutholakale izibhamu ezimbili okuwumjojantaba ivolovolo nezinhlamvu endaweni yesigameko.

Bafa nje labasolwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ukuthi bayapepenyeka kule ndawo.

Nebala azamile ukubamisa bekhanyisa anamalambu aluhlaza emgwaqeni uN3.

Kuthiwa umshayeli uncamele ukufaka eliya phambili ebaleka eyojoyina uR103 uma ubheke ngaseMtshezi kanti zizokhala.

Lesi sigameko esingundabamlonyeni senzeke ngoMsombuluko ntambama.

Khonamanjalo uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uSenzo Mchunu, usezwakalise amazwi enduduzo emndenini wephoyisa elidubuleke ngephutha kuzakwabo besemsebenzini lafa elinye kubonwa ngokusa kulo esibhedlela.

Kulesi sigameko esenzeke eBhobhoyi, ePort Shepstone kuthiwa owesilisa ubeshaya intombi yakhe kwabizwa amaphoyisa okuhlanganisa ophiko lwePOP.

Kuthiwa owesilisa ubesho ukuwaqeda ngomkhonto endlini elinye lawo lesifazane langabe lisabuza elangeni langena nesibhamu esikhulu ladubula kanti selidubula ngephutha ozakwabo  abangaphakathi.

“Sizwakalisa ukuzwelana nomndeni welunga lethu kwaPOP oshonele emsebenzini, sifisela nelunga lethu kwiK-9 ePortshepstone elisesibhedlela ukululama okusheshayo,” kusho uMchunu.

Related Articles

Back to top button