Kucishwa isithombe ‘esibi’ uShaka elusa izinkomo
Philasande Luthuli
ITSHE limi ngothi njengoba sekulindwe usuku olukhulu ngoLwesine kwembulwe umfanekiso weLembe.
Lo mfanekiso omusha wesithombe senkosi uShaka kaSenzangakhona uzokwembulwa esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport.
UNgqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko namaSiko uMuntomuhle Khawula ekhuluma ohlelweni lwasekuseni iVuka Breakfast Show (VBS) oKhozini FM ngeledlule uthe konke sekumi ngomumo.
“Konke sekumi ngomumo. ISilo esabuzayo sahamba singeneme kwazise umfanikiso okhona uveza iLembe ngengomfana olusa izinkomo. Okunye wukuthi kusetshenziswa isithombe somlingisi uHenry Cele. Lawo maphutha alungisiwe, abantwana basendlunkulu nesilo uMisuzulu bajabulile ngabakubonile,” usho kanje.
Kulindeleke ukuthi iSilo uMisuzulu KaZwelithini akhulume nesizwe ebambisene noMengameli uCyril Ramaphosa.
Lesi sichuse sisuse umsindo ngesikhathi siqala ukwakhiwa njengoba iSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu sasikhala ngokuthi sidicilela phansi isithunzi sikayisemkhulu simveza njengomelusi wezinkomo.
Uhulumeni kanye ne-Airports Company South Africa kwadingeka ukuthi basisuse benze umfanekiso omusha.
Lo mcimbi wokumbulwa kwesithombe seLembe uxhaswe uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe sakwaZulu-Natali kanye ne-Airports Company of South Africa (ACSA).
Kanti kulindeleke iSilo uMisuzulu atheleke namabutho kaZulu nezakhamuzi ezakheli elakuleli.