Izindaba

Isexwayiso esishubile ngezulu elibhubhisayo

Sane Mseleku

IZANGOMA zezulu kwaZulu-Natal Natal sezikhiphe isixwayiso esishubile mayelana nemvula nokuduma kwezulu okuzayo okuzoba kuLevel 4.

Kuxwayiswa ngokuduma kwezulu okukhulu okuzoba khona kusukela ngoMsombuluko.

Leli zulu lingadala umonakalo omkhulu kwizakhiwo, imizi kuphinde kuphazamise ezokuhamba, nokunye okuningi.

Kulindeleke imvula enkulu, kanye nezikhukhula esifundazweni sase-Eastern Cape ngoLwesibili.

Imvula enkulu nomoya onamandla udale umonakalo omkhulu kwaZulu-Natal ngeSonto ebusuku, kulimale kwaphephuka imizi nezikole ePietermaritzburg.

Umoya uphephule uphahla lwase Ashdown primary school, e- Edendale kwalimala nezakhiwo zase Aloe Ridge.

Okhulumela ezemfundo uMuzi Mahlambi ucashunwe yiScrolla.Africa ethi basindile ngoba umonakalo awuzange uphazamise izivivinyo zamatikuletsheni.

IHarry Gwala Regional Hospital ibalwe kwamanye amabhilidi athintekile.

Abakwa Department of Cooperative Governance bathi lisazoqhubeka lelizulu kwezinye izindawo zakwaZulu, eThekwini, uThukela, uMzinyathi, uMgungundlovu, Harry Gwala, Ugu neLembe district.

Baxwayise ngokuwa kwezihlahla ezizovala umgwaqo, ukuphela kukagesi kanye nobungozi bombani ushaya abantu nezilwane.

IKZN isibhekane nesimo sezulu esibi iminyaka eminingi, izikhukhula zasehlobo ezilimaza imizi zithathe izimpilo zabantu.

Related Articles

Back to top button