Ezokungcebeleka

Kusolwa uNorma ngokubhidliza umshado kaSedibe

Liyah Mseleku

KUBATSHWAZWA udlame olukhonjiswe uFaith Nevhutalu oshade noLeslie Sedibe osola ukuthi ushendezana noNorma Mngoma.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka kubuka wonke umuntu nokwaholela ekutheni uSedibe ayofuna incwadi yenkantolo eRandburg evimbela umkakhe ukuthi angasondeli kuye.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNorma Mngona wayeshade noMelusi Gigaba phambilini.

USedibe usolwa umkakhe uFaith ngokujola noNorma kanti yena uyakuphika lokhu uthi bahlanganiswe ibhizinisi lamaSolar nabanye.

Ngelinye ilanga kuthiwa uFaith wangena nezicabha ehhovisini lomyeni wakhe nalapho abafica bebambe umhlangano wakhwela ngesikhwili endodeni.

USedibe wakhetha ukuphuma ahambe ngoba egwema ukuphindisela kwazise usalungisa igama lakhe ngemuva kokuba exoshwe yiFiFa imsola ngokuthengisa ngemidlalo.

“Wafike wangena ngesibhaxu etshela uNorma ukuba ahlukane nomyeni wakhe. USedibe wakhetha ukuphuma ahambe ngoba egwema ukuphindisela kwazise usalungisa igama lakhe ngemuva kokuba exoshwe yiFiFa imsola ngokuthengisa imidlalo,” kusho umthombo.

USedibe nomkakhe kuthiwa banezinkinga emshadweni wabo ngangoba indoda isike yacabanga ukufaka incwadi yesehlukaniso.

“Bayazama ukulungisa izinkinga zabo, ngemumva kokungaboni ngaso linye. Ngithemba ukuthi bazobuyelana bajabulele umshado wabo futhi,” kusho osondelene nabo.

Uthe uthuthuva lwaqala ngesikhathi ethi uSedibe uyohlangana noNorma eSandton ufuna bangene ebhizinisini naye.

UFaith wathola nokuthi uNorma ubuye asebenzise imoto kaSedibe nalapho kwanda khona izinkinga.

Akagcinanga lapho uFaith kodwa wacupha ucingo lomyeni wakhe ukuze alalele izinkulumo phakathi kwabo.

Lokho kwenza uSedibe akhethe ukuphuma nasekamelweni labo ngenxa yalezi zinsolo zomkakhe.

UNorma uvumile ukuthi wamqonda uFaith ngobudlelwano bakhe nomyeni wakhe, wamtshela ukuthi bayasebenzisana kwibhizinisi leSolar kanye nabanye abantu.

Le mpi kuthiwa imfake enkingeni uSedibe imqhatha nomnikazi webhilidi aqashe kulo njengoba lesi sigameko sasibukwa uwonkewonke.

Nokho kuthiwa umbhalele incwadi waxolisa ngokwenzekile wathembisa ukuthi ngeke kuphinde.

Related Articles

Back to top button