Izindaba

Ubhalwe kabusha umlando weLembe

BEKUKHONA uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa kwembulwa isichuse esisha seLembe eKing Shaka airport.

Lo mcimbi ubuholwa iSilo uMisuzulu nabantwana basendlunkulu.

Lo mcimbi wokumbulwa kwesichuse seLembe uxhaswe uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe sakwaZulu-Natali kanye ne-Airports Company of South Africa (ACSA).

UNgqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko namaSiko uMuntomuhle Khawula ekhuluma ohlelweni lwasekuseni iVuka Breakfast Show (VBS) oKhozini FM uthe iSilo esabuzayo sahamba singeneme kwazise umfanikiso okhona uveza iLembe ngengomfana olusa izinkomo.

Okunye wukuthi kusetshenziswa isithombe somlingisi uHenry Cele. Lawo maphutha alungisiwe, abantwana basendlunkulu nesilo uMisuzulu bajabulile ngabakubonile,” usho kanje.

Nazi izibongo zeLembe ezicashunwe kwiBayede News : UDlungwane kaNdaba Ilembe eleq’ amanye amalembe ngokukhalipha UNodum’ehlezi kaMenzi uSishak’ asishayeki – umtakaSengakhona Bath’ uShaka kayikubusa akaykuba Nkosi Kanti kulaph’ ezakunethezeka khona. Umlilo wothathe kaMjokwane Umlilo wothathe ubuhanguhangu Oshis’ zikhova eziseDlebe Kwaye kwasha neziseMabedlana.

Bayethe boGambushe Nani boFaku Nize ningamthinti umtakaNdaba ngoba ningathi niyamthinta Kobe nithint’ uPhunga Nathint’ uMageba. UNdab’ ocaba ngomkhonto Amany’ amakhos’ ecaba ngamazembe.

Related Articles

Back to top button