IMK Party ibambe ufishi omkhulu we-EFF
OWAYENGUSIHLALO kuzwelonke kwi-EFF u-Adv Dali Mpofu usewelele kwiMK Party.
Ugcizelelile ukuthi ukuhamba kwakhe kwi-EFF akukho mayelana namuntu kodwa akwenzayo ukwenzela abantu besizwe.
Bekhuluma nabezindaba kaSABC, uthe ukuya kwakhe kwiMKP yingoba ubona kwiyiyona nqola yobumbano.
UMpofu ubhale kwizinkundla zokuxhumana kwi X “Akukho ngamuntu ukuhamba kwami kwi EFF, anginanxa namuntu futhi amukho ophazamise omunye. Engikwenzayo ngikwenzela abantu,” kusho uMpofu.
“Ngemuva kokuzifuna ngizibuzile, ngathatha isinqumo sokuthi ngiye kwiMKP ngenzele abantu, ngoba iyona nqola yobumbano” eqhubeka uMpofu.
Okhulumela i-EFF uNhlamulo Ndhlela ukuqinisekisile ukuthi ngempela ushiyile uMpofu.
UMpofu akatholakalanga ukuphawula.
UMalema ubhale kwizinkundla zokuxhumana kwi Twitter ” Sekusele izintandokazi zenu ezimbili uhlu luphelele. Bacula kahle futhi bahlale belindele ukuthathwa izithombe. Nikhumbule abasenanembeza”.
Isekela mongameli le-EFF uFloyd Shivambu wasula Kwik wajoyina iMKP kanye nowayengumvikeli womphakathi uBusisiwe Mkhwebane wasula kwi-EFF ngo Okthoba wajoyina ezika Msholozi.