Amaphoyisa aqothe ngenhlamvu izinkabi ebeziyobhubhisa
Sane Mseleku
ZIDUTSHULWE zafa zinkabi ezimbili ngesikhathi zidubulana namaphoyisa eMahlabathini, kwaZulu-Natal.
Amaphoyisa athole umkhondo wabasolwa ababili abahamba ngemoto yohlobo lweVW Polo ebomvu.
Basolwa ngokuba odubulasbhamu futhi bebesendleleni yokuyobulala usomatekisi endaweni.
Imoto yabasolwa ibonakale ishosholoza emgwaqeni uP700 eMahlabathini.
Amaphoyisa azame ukuyalela umshayeli ukuthi akamise imoto bekhanyisa namalambu aluhlaza.
Kunalokho kuthiwa imoto ivele yama phàkathi komgwaqo, kwaphuma abesilisa ababili bangabuza elangeni bavuthela ngentululwane yezinhlamvu beziqondise emaphoyiseni.
Amaphoyisa nawo abuyisela ngenhlamvu, ezama ukuzivikela kubasolwa.
Ngesikhathi kudutshulwana, abasolwa badubuleka bafa ujuqu.
Kwatholakale izibhamu ezintathu nezinhlamvu kubasolwa kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu ntambama.
Kwenzeke lesi sigameko nje iPurpose ibike ngokusala enkundleni kwabesilisa abane abebegagazisana ngenganono namaphoyisa eMooi River, kwaZulu-Natal.
Lesi sigameko sisibike ezinsukwini ezintàthu ezedlule.
Abazibonele ngawabo bathi ubungafunga ukuthi ifilimu kwazise lesi sigameko senzeke izimoto zigijima ngesivinini esiphezulu zivika nezinye emgwaqeni.
Labasolwa bebefunelwa amacala okubulawa kwabantu embonini yamatekisi.
“Ngesikhathi kujahwana ngezimoto abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Azivikelile avikela nabasebenzisi bomgwaqo ngokudubula bebhekise kubasolwa. Abantu abane ababegibele leyo moto bafile. Kutholakale izibhamu ezimbili okuwumjojantaba ivolovolo nezinhlamvu endaweni yesigameko.
Bafa nje labasolwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ukuthi bayapepenyeka kule ndawo.