
Uboshiwe umfundi kagrade 10 obhokode uthisha ngommese
UGCINE oboshiwe umfundi kagrade 10 ngecala lokugwaza uthisha kubangwa ukuthi ufike emuva kwesikhathi esikoleni.
Lesi sigameko esishaqise abafundi, othisha nomphakathi senzeke eKgabareng Secondary School eViljoenskroon esifundazweni iFree State.
Okhulumela uMnyango weseMfundo eFree State uHoward Ndaba, uthe lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ngesikhathi uthisha ethusana nalo mfundi oneminyaka engu-21 ubudala.
“Ngesikhathi uthisha ezama ukuqondisa lesi sigwegwe kuphakame imimoya. Sibikiwe lesi sigameko kanti kusalindwe ukuthola ingqikithi,” usho kanje.
UNdaba wengeze ngokuthi uMnyango uzosebenza eduzane neziphathimandla zomthetho ukunqanda udlame nakho konke okuphambene nemithetho nemigomo yesikole futhi kube nokuphepha.
UMnyango wezeMfundo uthembise ukuthumela abazolekelela abafundi nothisha ngosizo lokululekwa ngokwengqondo nangokomoya.
Bazophinde baqinisekise ukuthi isimo sibuyela kwesejwayelekile baqinise ezokuphepha balekelele nokuthi abafundi babuyela esikoleni esinokuthula nemfudumalo.
UNgqongqoshe uMantlhake Maboya isigxekile lesi sigameko okuhlanganisa
iSouth African Democratic Teachers’ Union (SADTU) nayo ethe bafisa ukubona ukulungiswa kwenzeka.
Ngokombiko ovela kulesiya sifundazwe akucaci ukuthi kugcine kumenele yini uthisha noma usindile.