
Ubhonga emswaneni uPhuzekhemisi ngokufa kwaDJ Warras
Philasande Luthuli
Ubhonga emswaneni umakadebona emculweni kaMaskandi uPhuzekhemisi ngokubulawa ngesihluku kwa-Warrick Stock obaziwa ngo-DJ Warras.
UPhuzekhemisi uthi uWarras ubeyisibonelo esihle esizweni.
Kumanje kusabalale ivideo ezinkundleni zokuxhumana kaDJ Warras ehamba ngemoto ecula ingoma kaPhuzekhemisi esihloko sithi Inkunzi kaBhejane.
“Ngithi dudu emndenini wakwaStock, kubangani, nakubo bonke abalandeli bakhe kuleli lakithi laseNingizimu Afrika”
“Ukulahlekelwa uDJ Warras akukhona nje ukulahlekelwa ngumsakazi onekhono, kodwa ukulahlekelwa yindodana yase-Afrika eyayingayesabi imvelaphi neqhaza lomculo weSintu”
“Ngifisa ukubalula ukuthi u-DJ Warras wayeyinsizwa eyayikhombisa uthando lwangempela kumculo wami kaMaskandi. Ngike ngawabona amavideo wakhe ecula, ejabulela izingoma zami”
“Lokhu kungikhombisa ukuthi umculo awunamingcele, futhi uyakwazi ukuhlanganisa abantu” kusho uPhuzekhemisi kwisitatimende.
UWarrass (40) nobebuye aziwe kakhulu ngelika Shady Lurka, udutshulwe esenkabeni yeGoli, eHillbrow, ngoLwesibili.
Lesi sigameko senzeke ngesikhathi eyohlola amanye amabhilidi agadwe yinkampani yakhe yonogada.
Kuthiwa inkampani yakhe ibiphinde ilekelele ekukhucululeni kukhishwe labo asebethathe amabhilidi angasetshenziswa ngenkani.
Umsunguli weMarch & March uJacinta Ngobese-Zuma usecele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi akhiphe umyalelo wokuthi leli lizwe lisenkingeni edinga ukusukunyelwa ngokuphuthuma.
Kusasa ngoLwesihlanu kunokhululela ngoqo wemashi esuka eCity Hall, Church Square, eThekwini.



