
Ubanjwe eskhotheni owase Malawi ‘odlwengule’ osekhulile
Aphe Gcwabe
Ubanjwe ngqi esebhace phakathi eskhotheni eRedcliffe umsolwa odabuka eMalawi.
Le nsizwa ibijahelwa izinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-48 ubudala.
Ubanjwe ngoMsombuluko kulandela ukuphunyuka olakeni lwequlu lwabantu bomphakathi ababalelwa ku-20 ‘ebebexoxa’ naye emgwaqeni u-Orkford.
Lo msolwa kuthiwa ushiye izimpahla zomuntu wesifazane osekhulile zidabukile njengoba ubezama ukumhudulela ehlane efuna ukumdlwengula.
Kuthiwa umemezile umgilwa nokuyilapho kuphume khona iqulu labantu selithelwe ngezibonkolo.
Lo msolwa usindiswe nguMsamariya thizeni onesihawu nobedlula ngomgwaqo wafonela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA).
Ubefona ebabikela ukuthi abaphuthume umphakathi uqeda umuntu ngenduku.
Ngesikhathi befika abeRUSA batshelwe ukuthi isiphunyukile ‘inyamazane’
Nomgilwa ubesehambile endaweni yesigameko ngenxa yesimo ebesimanzonzo.
Umsolwa ugcine ededelwa ngenxa yokungatholakali komgilwa ukuze ayovula icala emaphoyiseni.
Khonamanjalo, kubanjwe umsolwa ngokudlwengula abafundi baseBizimali High School, eNkandla.
Ubanjwe eTshelimnyama, ePinetown.
Ngokombiko wabezindaba kuvele ukuthi abalalanga osomatekisi baseNkandla KwaNgono, ngaphansi kweBhekisizwe Tax Association, bemthungatha.
Uboshwa nje uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ubesanda kukhipha isitatimende ehlaba ikhwelo lokuthi akabanjwe aboshwe ngokushesha umsolwa.
Lesi sikole sakhiwe enhla nesifundazwe saKwaZulu-Natal.
NgoMsombuluko abafundi bakulesi sikole bangene embhikishweni befuna kuboshwe lo msolwa.
“Lesi sigameko esithusayo asamulekile ezikoleni nasemphakathini. Sinxusa noma ubani ongaba nolwazi lomsolwa ukuthi ungakuphi athinte amaphoyisa ngokushesha,”
“Ukuthula kugqugquzela, kuvikele abenzi bobubi kanti kumele silwisane nempi,” kusho uNtuli.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



