Izindaba

Ubanjwe ebhace e-Eastern Cape oklinye umkakhe nezinkabi

Bahle Mkhize

Ishelwe amanzi inhlanzi kubasolwa abathathu okuhlanganisa nomyeni ababalekele bayobhaca eCoffe Bay, Eastern Cape.

Ababili kulaba solwa kuthiwa baklinye owesifazane (34) waseManzimtoti ngenhloso yokumbulala waqolwa nemali eyakhishwa ebhange ngesikhathi izinkabi zizama ukumbulala.

Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ithi yafonelwa owesifazane ecela usizo oluphuthumayo.

Usale nezibazi owesifazane osinde ebulawa izinkabi zihlangene nomyeni wakhe📸:RUSA

“Sithole ucingo ngeSonto luqhamuka kowesifazane ethi umyeni wakhe weminyaka emithathu umphange ubucwebe nemoto emhlophe yohlobo lweGWM wamklinya elekelelwa amadoda amabili. Uthi umyeni wakhe ubemsola ngokushendezana nendoda ayejola nayo ngaphambi kokuthi bashade. Lo wesifazane uphaphame emotweni yohlobo lweToyota Etios eyolwahlwa ezimobeni eFafa” kusho iRUSA.

Lesi sigameko senzeke ngomhla ka-13 Mashi njengoba baze babanjwa izolo.

Ebuzwa ngabeRUSA umyeni ngesenzo sakhe sokuzama ukubulala unkosikazi uthe ubesekhathele impilo ephezulu ebiphoqwa unkosikazi kuye.

“Bese ngikhathele impilo ephezulu abiphoqwa unkosikazi. Bese ngikhokhe imali ebalelwa kuR300 000 eminyakeni emibili ehlala emahhotela aphambili. Ngelinye ilanga sahilizisana wangithembisa ukungala athole indoda ecebili kunami, ” usho kanje.

Imoto yomgilwa iGWN itholakale eMzinto. AbeRUSA bepheka ngemibuzo umsolwa wesibili kuvele ukuthi ungaphandle ngoshwele. Lo msolwa ubegwetshelwe amacala amabili okubulala nenqwaba yamacala okuphanga kuhlonyiwe.
“Ngiphoqiwe ukuthi ngiyolahla umzimba, nami ngithukile ukuthola ukuthi umuntu osaphila lo ngibone ngoba evuka ephuma imoto ihamba,” kuzihlangula umsolwa.

Omunye umsolwa wesithathu ungowesifazane. Kuthiwa kwasetshenziswa imoto yakhe iToyoya Etois kanti uye obelokhu ethumela imiyalezo esabisa umgilwa ukuthi angaqhubeki necala. Kusathungathwa omsolwa wesine okuthiwa ugcwele amathafa kanti kulindele ukuthi bavele enkantolo yaseCoffe Bay kungekudala.

 

 

Related Articles

Back to top button