Okusha ngekusasa lomqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson
NGEMUVA kokuthi iKaizer Chiefs iqinisekisile ukuthi izobe inethimba elisha labaqeqeahi ngesizini ezayo, umbuzo osale ungaphendulekanga owokuthi ngabe kuzokwenzekani ngoCavin Johnson.
Lo mqeqeshi nguye obambe amatomu njengamanje kwiChiefs njengoba eqashwe nyakenye ukuzovala isikhala okwesikhashana. Cishe yayikhona ke inhlasi yethemba kubaphathi ukuthi uzowenza kahle lo msebenzi, bese singabi khona isidingo sokufuna omunye umqeqeshi.
Nokho sengathi akuhambanga kahle njengoba izinto zisabheda nje ngaphansi kobuholi bakhe. Kumanje iqembu lilwela ukuqeda lingaphakathi kwiTop 8.
Sekuhlalukile ukuthi abaphathi sebesithathile isinqumo ngoJohnson njengoba esezobuyela esikhundleni sakhe sakudala.
Ngaphambi kokuba wumqeqeshi, uJohnson ubeyinhloko yezokuqeqesha nezinkulisa zeqembu.
Yize kunezinkonondo eziqinile ngaye, kuvela nokuthi abaphathi banqume ukumyeka aze ayiqede le sizini.
Kuzoba nzima ke nokho kuye ngoba abalandeli sebeqalile ukuveza ukungeneliseki kwabo ngokuthi bajikijele okuthile enkundleni uma behluliwe.
Abalandeli beqembu sebeke baveza ukuthi sebenokuzisola ngokusheshe baphonse ithawula ngo-Arthur Zwane futhi bafisa kubuye yena azoqedela le sizini. UZwane uxoshwe ekupheleni kwesizini edlule, kwabe sekuqashwa uMolefi Ntseki yena wabuyiselwa ekubeni yiphini lo mqeqeshi.
Impempe