Isikhulu sonompempe kwiSafa sicathulisa umqeqeshi weMamelodi Sundowns
Isikhulu esibhekekelele ukusebenza konompempe ngaphansi kweSafa, u-Abdul Ebrahim, sesiveze ukuthi ukwazi imithetho yebhola, akusho ukuthi usuyakwazi ukuthi isebenza kanjani.
Lokhu kulandela ukuthi umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena eveze ukuthi yena uyayazi imithetho yebhola, akafuniseli.
Lokhu ubekusho ngemuva kwegoli elisuse umsindo elishaywe yiMoroka Swallows ibhekene neSundowns emdlalweni weDStv Premiership ngoMsombuluko.
Leli goli lishaywe uGabadinho Mhango obesendaweni engamfanele (off side) kodwa ngoba ibhola lingqofwe umdlali weSundowns, unompempe uJelly Chavani walikhomba esenta.
Kube nesixakaxaka ngemuva komdlalo ophele ngo 2-2 uMokwena efuna incazelo kulo nompempe ovele wazithulela nje.
Esekhuluma nabezindaba, uMokwena uveze ukungenami kwakhe ngaleli goli, waze waveza izinsolo zokuthi kukhona othile ongaphandle othathela onompempe izinqumo.
Kodwa manje u-Ebrahim uthi uMokwena uyayazi impela imithetho, kodwa uyadideka ngokusebenza kwayo.
“Ngikhathazekile ngokubona onompempe benza amaphutha,” kusho u-Ebrahim kwiRadio 2000 ngoLwesibili ebusuku.
“Kodwa ngalokho angisho ukuthi okwenzeke izolo (ngoMsombuluko) ebusuku kube yiphutha.
“Abantu abaningi kungenzeka bayayazi imithetho, kodwa abazi ukuthi isebenza kanjani leyo mithetho. Ngisho nabaqeqeshi bakhona kulabo bantu.”
Uphinde waphendula nangokuthi unompempe ubexhumana nobani njengoba uMokwena ekuvezile lokhu ebuza ukuthi ngabe sekuneVAR engaziwa yini ebholeni lakuleli.
“Kungethusile nokuthi kube nombono wokuthi unompempe ubekhuluma nothile ongaphandle kwasenkundleni.
“Kuba unompempe, abasizini bakhe nesikhulu esiba ngaphandle (fourth official) kuphela abakwazi ukuxhumana enkundleni.
“Futhi abanayo indawo la bebuka khona okwenzekile sekudlulile,” kuchaza u-Ebrahim.
Impempe