
Owokufika ubhadanywe nezidakamizwa zikaR8 million
Sihle Mkhize
Amaphoyisa asesifundazweni KwaZulu-Natal abambe “ufishi omkhulu” ashaqa izidakamizwa.
Lezi zidakamizwa ngezenani elicela ku-R8 million kanti zibanjwe kowesilisa odabuka eNigeria.
Le ndoda ibhadanywe ezintatha ngoMsombuluko endaweni yomtakabani eSomerset Park.
Ilalelwe unyendle amalunga eSAPS MDOC (Durban), Durban North SAPS Trio Crimes, Newlands East SAPS Trio Crimes neDurban North SAPS Crime Prevention.
Ibonakale iphethe isikhwama esikhulu esimnyama iyongena lapho ihlala khona.
Ngokombiko we-eNCA le ndoda imisiwe kwatholakala izitini zecocaine ebezibhalwe umbhalo othi “Gold.”
Abakwasidlodlo bathe uma bekala isisindo bathola ukuthi singu 7kg, nokwenze silinganiselwe emalini engu R7.9-million uma sidayiswa.
Kushaqwe namaselula amathathu nensavunsavu yemali njengobufakazi.
Sikhuluma nje le ndoda igqunywe esitokisini isalinde ukuba oyovela enkantolo khona izibhekana namacala okutholakala nezidakamizwa.



