Ezokungcebeleka

Iminjunju u-R2 million kwiBig Brother uhlwithwa i-EC

Sihle Mkhize

Sihlwithwe intokazi yase-Eastern Cape kulo nyaka isicoco ohlelweni iBig Brother Mzansi nobesekuphele iminyaka emithathu siza KwaZulu-Natal.

ULiema Pantsi ubeshaya ibuya okwesibili kwiBig Brother ukhale wemuka nesicoco sika R2 million kwiBig Brother.

Le ntokazi yase Eastern Cape iliphakamisele phezulu iflegi lakulesi sifundazwe kwazise iKZN izitamuzele iminyaka emithathu.

UThandeka Tshabalala waseThekwini obenabalandeli yena uphume isibili elandelwa uBravo B waKwaNongoma, uQue waseGqeberha, Didi waseNorth West noTrixie waseGqeberha.

Sekuvumbuke izonkulumo ezithi uThandeka urojiwe lesi samba. Abalandeli bakhe babhodla umlilo bazeseka ngelokuthi ufike engenagama kodwa bekumele aqhudelane noLiema obegabe ngabalandeli okubalwa kubo osaziwayo.

UMusa Mseleku wodumo loThando neS’thembu ubalwa nabanye osaziwayo abebeseka uLiema futhi ukhombise enkulu injabulo ngesikhathi enqoba.

Lolu hlelo olwaqala emasontweni angu-11 adlule, lubalwa nezinhlelo ezibukwa kakhulu futhi lulandelwa yizigidi zabantu.

Ngonyaka ozayo lolu hlelo kulindeleke ukuthi kube olokugcina.

I-Multichoice ngo-2024, yaveza izindaba zokuthi bazoluvuselela amasizini amathathu kuphela. Akucaci noma luzoqhutshwa noma kuzobe sekuwukuphela kwalo.

Related Articles

Back to top button