Izindaba

‘Owabulala’ uthishanhloko uthunywe uphuthu esehostela

Bahle Mkhize

Uphiko lwamaphoyisa iSouth African Police Service (SAPS) National Intervention Unit (NIU) lilahle phansi ngenhlamvu osolwa ngokubulala uthishanhloko.

Umufi uMnuz Zwelabantu Zuma wadutshulwa wabulawa esehhovisi lakhe esikoleni eMsinga ngo-2020.

Umsolwa obulelwe naye ubenoxhaxha lwamacala afunelwa wona okubalwa ukubulala, awokuduna izimoto kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

NgeSonto ntambama, amaphoyisa e-NIU alandele umkhondo womsolwa nebala bamthola ehostela eMapetla, eSoweto.

Ngokusho kwamaphoyisa athi uma ewabona wabe esevulela ngenhlamvu, nawo abe esephindisela, wasala enkundleni.

Khonamanjalo, kuvele ukuthi bebefunelwa amacala okuphanga nokubulala abasolwa abahlanu abafe bedubulana ntathakusa namaphoyisa eChartworth, eThekwini.

Laba solwa abahlanu bebefunwa uthuli ngabakwasidlodlo.

Ngosizo lwezobunhloli bathole umkhondo walapho abasolwa becashe khoma phakathi emjondolo yale ndawo ehlala ikakhululazi abaseNdiya.

Kuthiwa abasolwa bezwe ukuthi amaphoyisa asekake yonke indawo baqala badubula kuqala bebhekise ngakuwo.

Nokho bafike zigawulwe zabekwa emaphoyiseni, kwaqhuma inganono kwafa ujuqu bobahlanu abasolwa.

Amacala okuthiwa bebefunelwa wona bawenza eMarrianhill nakwaNdengezi, Mpumalanga nakwezinye.

Kulaba solwa kukhona nomunye odabuka eMozambique kanti omncane kunabo bonke uneminyaka engu-15 ubudala.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button