
Litholwe liphithene ikhanda iphoyisa ebelidukile
Usaphazamisekile amakhanda umndeni kaWarrant Officer Rubika Rambarran, obikwe njengomuntu odukile.
Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) yiyo ehlabe umkhosi yatshela izwe ngokunyamalala kwakhe.
URambarran, osebenza eDurban Central Police Station, ugcine etholakala emotweni emhlophe yohlobo lweToyota RunX emgwaqeni u-R74 eKranskop, KwaZulu-Natal.
Umfowabo, ofike ngokushesha endaweni lapho kutholakale khona imoto, uthe ufice udadewabo ephazamisekile engqondweni.
Ubesangaphakathi emotweni ebibonakala ukuthi ibandakanyeke engozini njengoba bekufe ngisho windscreen nokunye.
Okunye okunyuse izinhlozi wukuthi isibhamu sakhe somsebenzi kanye nezinye izinhlamvu abeziphethe akutholakalanga.
Kuvele nokuthi bekukhona umuntu obehlezi esihlalweni sangaphambili semoto kule moto kodwa njengamanje akwaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
Okwamanje akuveli ukuthi leli phoyisa lesifazane belisuka eThekwini liya kubani eKranskop.
Umndeni kaRambarran usola ukuthi kungenzeka wayedunwa imoto izigebengu.
Njengamanje amaphoyisa asematasa nophenyo ukuze kutholakale imbangela yalesi sigameko esithuse abantu abaningi.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



