
Lilulekwa ngokomqondo ithwasa ‘elidlwengulwe’ yiphoyisa
Sihle Mkhize
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uSenzo Mchunu, ubabaza umhlola lapho iphoyisa liboshelwe izinsolo zokudlwengulwa ithwasa embuthweni.
UMchunu usechaze lesi simo njengobugebengu, nokusebenzisa amandla esikhundla nalapho kungafanele khona.
Lesi sigameko esishaqise abaningi senzeke ngoLwesibili, ePitoli.
Umsolwa yiphoyisa aphinde abe (intructer) zibe seziyamkhalela kanti ulindeleke avele enkantolo namhlanje.
Umsebenzi waleli phoyisa phakathi kokunye ukufundisa labo abasuke bejoyina umbutho.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umgilwa usathola ukululekwa ngokomoya nangokomqondo.
Okhulumela uNqqongqoshe uKamogelo Mogotsi, uthi lokhu okwenzekile kuphambene nezinhloso nqangi zombutho.
“Lesi senzo siyashayisana nemigomo nezifungo esizilindele embuthweni,”
“Ululaza umsebenzi wobuphoyisa aphinde acekele phansi umsebenzi onzima wokusenza ngokuthembeka kwezinkulungwane zamaphoyisa nsukuzonke,” kusho uMogotsi.
Uphiko lwamaphoyisa ayisipesheli i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) isizibambele mathupha ophenyweni.
Wengeze ngelokuthi ufuna baphenyisise bangashiyi lutho ukuqinisekisa ukuthi buyenzeka ubulungiswa.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseDutywa angqokloze ababulala abasolwa ababili ngenhlamvu, oyedwa walimala kanzima abanye babaleka bagcwala izinkalo.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu lapho kuqale kwajahwana ngezimoto, abazibonele bathi sengathi bekudlala ifilimu.
Amaphoyisa ancinzwe indlebe ngemoto yohlobo lwebakkie okusolakala ukuthi yasetshenziswa kuphangwa Keiskammahoek ekuseni.
“Amalunga ayisipesheli embuthweni abizwe asabela kuN2 eDutywa edolobheni,”
“Amise lemoto kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya kwaqala ukudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa,” kusho uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa.