
Kuboshwe abasolwa kwelokuthunjwa kwentatheli nophathina
Bakhalelwe ngamasongo kaSingoyela abasolwa abane ngecala lokuduka kwentatheli u-Aserie Ndlovu kanye nophathina wakhe uZodwa Mdhluli.
Lokhu kuvezwe uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola lapho ebekhuluma khona nethimba labezindaba emgcwabemi wephoyisa Constable Boipelo Senoge eBloemfontein.
“Ngisanda kuthola imibiko mayelana nokutholakala kwemizimba yabantu ababili esigangeni sesikhotha,”
“Ukuthi yibo noma akusibo singekuqinisekisa okwamanje. Lokhu kulele ekutheni senze ulibofuzo kanye namalunga emindeni,” kusho uMasemola.
Lezi zithandami zanyamalala mhla ka-18 February kulo nyaka emva kokuvakashela inxanxathela yezitolo iDenly Mall eselokishini laseMamelodi eduzane nase Pitoli.
Ngaphambilini kuzwakale ngokuduka kwabo kwaba wukuthi badukile nje.
Emva kwesikhathi kwaphenywa ukuthunjwa kanye nokudunwa kwemoto njengoba kwatholakala izinsalela zemoto zihlakaziwe.
Kulo leli sonto uMasemola uthule umbiko kwabezindaba lapho eveze khona ukuthi balinganiselwa kwabahlanu abasolwa ababoshelwe leli cala.
Laba solwa babhekene noxhaxha lwama cala okubalwa kuwo ukudunwa kwemoto, elokuthumba, elokutholakala nempahla eyebiwe , elokutholakala nemoto kanye neloku tholakala nezidakamizwa.
Phambilini abasolwa bake bavela eNkantolo yeMantshi yakwaMhlanga, kulindeleke ukuba kuphinde kuvele abanye abasolwa ababili.
“Kulaba basolwa kukhona noneminyaka elinganiselwa ku-17,” kusho uMasemola.
UMasemola uphinde waveza ukuthi amaphoyisa aphinde ashaqa izimoto ezimbili zohlobo lweVW ezinezinto okusolakala ukuthi zathathwa emotweni yalezi thandani.
Kuphinde kwatholakala nezimpahla ezithathwe endlini okuhlala kuyo lezi thandani okukhona kukho ifriji, istove, microwave kanye noblanket.
Waba uMqondisi wokuqala kwi-Capital Live SA 99.OFM. Uphinde wagqama kakhulu njengelunga leNational Press Club.
Ngaphambi kokuba kuvele izindaba zokuduka kwabo isekela Ngqongqoshe ehhovisini likaMongameli uKenny Morolong lake lahlanganyela nomndeni.
Kuke kwavela nomklomelo kaR100 000 obuzotholwa oqhamuke nomkhondo.