
Izoqina imithetho yokudayisa utshwala eKZN
Bazophuza ngokukalewa abantu baKwaZulu-Natal njengoba kuzoshintsha imithetho yokudayisa mgotshwala.
Lesi sinyathelo siyingxenye yemizamo yokulwa nobugebengu kanye nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli.
Uthi umkhandlu wesigungu esiphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natal sivumelene emhlanganweni waso wakamuva ukuba iqiniswe imithetho.
UNdunankulu usho lokhu esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu eMgungundlovu, emuva komhlangano wekhabhinethi yesifundawe, obukhona.
Kulo mhlangano bebebheka futhi becubungula izinto ezahlukene ezithinta isifundazwe nabantu baKwaZulu-Natal.
UNtuli uthi inhloso yokuqinisa imithetho elawula ukudayiswa komtshwala wukuzama ukulwa nezinga eliphezulu lobugebengu kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Echaza ngezinto abazidingidile kule mhlangano uthe indaba yobugebengu esifundazweni yiyona abaqale ngayo.
“Udaba lokuqala lumayelana nemizamo yokulwa nobugebengu esifundazweni. Sikhathazekile ngezibalo zobugebengu,”
“Kukhona amacala akhombisa ukuthi izinga lobugebengu kuwona alikafuni ukwehla, nokuhlukunyezwa ngokocansi kanye nokushayana,”
Kodwa kukhona amacala akhombisa ukuthi ehlile njengamacala okuzama ukubulala, kanye nokubamba inkunzi,” kusho uNtuli.
UNdunankulu uthi basakholwa wukuthi indaba yotshwala, namathaveni ikakhulukazi lawa ahweba ngokungemthetho inomtjelela.
Akasalanga ngaphandle angenazo izimvume, kanye nokuhweba ngotshwala kuze kweqe emahoreni okumele kudayiswe ngawo.
Konke lokhu kuthiwa kunomthelela kulawa macala obugebengu abonakala edla lubi.
Yingakho bebona kufanele kuqiniswe umthetho wokudayiswa kotshwala.
Uthi amaphoyisa abika ukuthi kusukela ngoLwesihlanu lapho iningi lisuke liya ebumnandini, kuya ngoMgqibelo, yilapho kwenzeka khona amacala amaningi.
Uqhuba uthi kunezikhathi amaphoyisa athi amacala amaningi abikwayo ikakhulukazi awokuhlukunyezwa kwabesifazane, enzeka phakathi kwamabili kuya entathakusa.
Kanti kuye kuthi uma amaphoyisa ebheka ukuthi abantu basuke beqhamuka ngaphi, kubonakale ukuthi abanye basuke beqhamuka khona ezindaweni zokuphuza.
“Umthetho lo owengamele ukudayiswa kotshwala uyabuyekezwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, oholwa nguMfu Musa Zondi,” kusho uMnu Ntuli.
UMnuz uNtuli uveze ukuthi bahlose ukunciphisa amahora okuhweba ngotshwala, futhi baqinise nomthetho omayelana nendawo amathaveni okufanele abe kuyo.
Umzekelo wukuthi angasondeli kakhulu emizini yabantu, isezikoleni, kanye nasemasontweni.
Ilanga