Izindaba

Libuyela namhlanje enkantolo elabasolwa ekubulaleni umdlali weKaizer Chiefs

Liyah Mseleku

KULINDELEKE ukuthi bafake isicelo sebheyili abasolwa ekubulaleni umdlali weKaizer Chiefs uLuke Fleurs (24) namhlanje.

Lo mdlali wadutshulwa wabulawa ephangwa imoto eHoneydew, eGoli ngenyanga edlule.

Abasolwa abayisithupha abhekene naleli cala sebeke bakuveza ukuthi bazoliphika icala. Bathi umbuso awunalo icala eliqinile.

Amacala abhekene nawo kubalwa ukumbulala, ukuphanga. Nokubalekela ingalo yomthetho.

Ngesikhathi bebanjwa abasolwa uLieutenant Colonel Mavela Masondo wathi balandela umkhondo babopha labasolwa eSlovoville, Soweto ezintatha zangalolo suku.

UMasondo wathi bathole imoto kaFleurs isicwiyiwe. ULuke, okhulele eMitchells Plain, eCape Flats ngaphambi kokuthuthela eFish Hoek nomndeni wakhe, bebezalwa bebathathu kubo.

Udadewabo kamufi, uSydni usanda kuphumela obala ngobuhlungu abuzwa ngemuva kwalesi sehlakalo.

USydni wafaka isithombe sikaLuke ehlezi kule moto eyiVW Golf 8 GTI kwi-Intsagram yakhe. Wabe esesiphelezela ngombhalo okhomba umunyu.

“Ngiyayizonda le moto. Ngiyayizonda le mpilo. Ngizonda yonke into manje,” ubhale kanje uSydni.

IGolf 8 GTI entsha idayisa u-R669 300 futhi “ingubhuti” we-VW Polo okungenye yezimoto okubikwa ukuthi zintshontshwa kakhulu kuleli.

Lo mdlali wadutshulwa ngomunye wabasolwa abane okusolakala ukuthi babemlandela ngeBMW 1 emhlophe ngesikhathi eya endaweni yokugcwalisa uphethiloli. IKaizer Chiefs ngomlomo kaKaizer Jr ongumphathi wamemezela ukuthi ijezi likaLuke Fleurs unombolo 26 ngeke usasetshenziswa mdlali.

Related Articles

Back to top button