Izindaba

Kubhekwe ngabovu ubufakazi bamaselula kwelikaMeyiwa namuhla

Bahle Mkhize

KULINDELEKE ufakazi wombuso uGideon Gouws ukuthi azophekwa ngemibuzo mayelana nendaba yamaselula eyesetshenziswa abasolwa ngosuku okwabulawa ngalo uSenzo Meyiwa.

Leli cala lenzeka ngo Okthoba 2014 lapho khona ukaputeni weBafana Bafana uMeyiwa abulawa evakashele intombi yakhe uKelly Khumalo.

UMeyiwa waphelela emzini kamama wentombi yakhe eVosloorus eGoli. Kumanje kunabasolwa abahlanu abagqunywe ejele nokho bayaliphika icala.

Leli cala elidonse ngisho amehlo omhlaba lahlehla ngoLwesibili kunikwa abameli ithuba lokuthi bahlanganise amakhanda nabasolwa.

Inkantolo iNorth Gauteng High Court ePitoli yiyo equla leli cala kanti ijaji elisesihlalweni njengamanje uRatha Mokgoatlheng.

Ummeli uThulani Mngomezulu nozakwabo babekhale ngokuba ncane kwesikhathi abebesinikiwe ukuze bafunde imiqingo yobufakazi equkethe ezokuxhumana.

Umbuso usanda kuveza ukuthi wonke amaphepha adingekayo asenikiwe abameli babasolwa.

Leli cala selike Laba nezikhawu lapho liguqa khona okwesikhashana ngenxa yezimo ezahlukene. Muva nje lisanda kuguqa ngenxa yokungafiki kwammeli uMngomezulu enkantolo. Umbiko kaMngomezulu wethulwa wu-Advocate Zandile Mshololo wathi wuyena ozombambela kodwa ngeke akwazi ukupheka ufakazi ngemibuzo kuzolindwa uMngomezulu.

IJaji lacikwa wukuthi uMngomezulu akabikanga kulona ngokugula kwakhe kodwa ubikele u-Advocate Mshololo.

 

 

Related Articles

Back to top button