Izindaba

Amathaveni maningi adlula izikole nemitholampilo eNanda

Aphe Gcwabe

AMATHAVENI angekho emthethweni asemaningi adlula izikole, imitholampilo, namasonto eNanda enyakatho yeTheku. Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele.

UNgqongqoshe ubehambele kule ndawo wase ekhuluma nezakhamuzi kwiCrime Imbizo.

Ngikwezibalo zekota ka-2023-2024 izindawo okubalwa kuzo Inanda, Umlaza, uMashu zabikwa njengezindawo ezihamba phambili okunamacala okubulawa kwabantu. UCele uthi kudingeka ukubambisana okuhlanganisa uhulumeni nomphakathi ukulwisana nobugebengu.

“Amashibhi namabhodlela stolo angu-136 esehlangene. Kumele siyibheke le ndaba. Angisho ukuthi sigxambukele emnothweni kodwa siqonde ukuthi kwawona lo mnotho esithi siyawukhanda akusiwo yini ogcina ogcina udala ubugebengu uma kungabhekwa ukusebenza kwawo. Sizoqinisekisa ukuthi bonke abahwebayo balandela imithetho esemabhukwini,” usho uBheki Cele.

Inanda isanda kuba sematheni kulandela ukudutshulwa kwabulawa abasolwa abayisithupha betholene phezulu namaphoyisa. Lesi sigameko sabikwa ezinyangeni ezintathu ezedlule. Abasolwa babefunelwa amacala ahlukene okubalwa ukuphanga izimoto kanye nawokubulala. UCele waveza ukuthi esinye isibhamu esatholwa kumsolwa kwabe siphangwe usomabhizinisi wasePhongolo owaphinde wahlukaniswa noR60 000.

NaseMlaza kwaQ amaphoyisa aqotha ngenhlamvu abasolwa abayisithupha oyedwa waphuthunyiswa esibhedlela kukubi. Kwakubikwe ukuthi abane babo babengene kumuzi thizeni bafuna umazisi ngo”dli”. Kusolakala ukuthi kukhona ubufakazi ababefuna ukubugqiba.

 

Related Articles

Back to top button