
Kuqhume inhlamvu obokufika belwisana namaphoyisa e-Addington Hospital
Ibambane ngezihluthu e-Addington Hospital phakathi kwabokufika namaphoyisa akuleli ngesikhathi befuna ukungena ngo “dli” esibhedlela.
Izigayigayi zakuleli zime ngaphandle kwesibhedlela zivimba abantu abakuleli ngokungemthetho ukungena e-Addington.
Bebabavimba besho ngeqholo bethi lesi sibhedlela sikhokhelwa ngemali yentela ebanjwa kubona.
Abenhlangano elwisana abakuleli ngokungemthetho eholwa phambili usihlalo weMarch and March uTeresa Nortje uthe bafike lapha ekuseni.
“Sifike lapha ekuseni ukuthi labo abangela lapha ngabese Ningizimu Africa okungabakhokhi bentela,” kusho uNortje.
“Sikwenze lokhu emuva kwezikhalo zokuthi abayitholi imithi”
Ngaleyo ndlela bazowusabalalisa lo mkhankaso ukuze izinsiza ezikhona ezincane zisize izakhamizi zakuleli nabo bonke abahlonipha umthetho wakuleli.
Isimo esifanayo nasemtholampilo waseRosettenville, eGoli, lapho ababhikishi bejikisa abokufika.
Owesifazane osekhulile obevele kwithelevishini uthe bafe olwembiza njengoba bejikiswa esangweni izakhamizi zakuleli.
Uthi akazi ukuthi uzokwenzanjani ngoba impilo yakhe incike ekudleni imishanguzo.
UNkk Lerato Ngobeni, we-Action SA, uthi isimo sisazoqhubeka nokuba sibi uma uhulumeni ungayisukumeli indaba yabantu abakuleli ngokungemthetho.
Ugxeke iHuman Rights Commission, nezinye izinhlangano ezilwela malungelo abantu.
Uzigxekela ukusebenzisa umthethosisekelo wakuleli ukweseka izigilamkhuba.
Uthe ukuba kwelinye izwe ngokungemvume kuyicala, ngakho owenza lokho akadingi ukuvikelwa wumthetho wakulelo lizwe ngoba akawuhloniphi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169