
Kumuncu emaphoyiseni odumo lweMatric Dance
Kubheda uhlelo kumaphoyisa abonakale kwivideo ehambisa umfundi kwiMatric Dance ngemoto yombuso.
Umfundi kuvela ukuthi ungowase Esctort High School neveni yamaphoyisa eyakhona eMtshezi.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi eseyalele ukuba amiswe emsebenzini kwenziwe uphenyo ngalesi sigameko esashiya abaningi bebabaza.
Uma uqala ubuka levideo ungafunga ukuthi kunesigameko esithusayo esenzekile noma kugadwe isikhulu.
Le moto eyiveni ifika ikhanyose amalambu akuhlaza ikhala nesiren, kube sekwehla amaphoyisa kugqame kakhulu elesifazane elehla nenhlokohlela lingathi nsi.
UMkhwanazi uthi la maphoyisa abesemsebenzini ngesikhathi okukholakala ukuthi le video iqoshwe ngaso.
Kanti ngokwenza njalo adoje umsebenzi awuqashelwe wokuvikela umphakathi.
Nokuthi ingalo yomthetho ibonakale isebenza emphakathini.
IVideo iphetha uma laba bafundi, owesilisa nowesifazane, sebehamba kukhaphethi obomvu.
“Sengiyalele uKhomishana wamaphoyisa esifundeni uThukela ukuba aqinisekise ukuthi la maphoyisa athathelwa izinyathelo aqondiswe ubugwewe.
“Asikwazi ukuvumela ukuthi amaphoyisa ethi esemsebenzini bese esebenzisa izinsiza zikahulumeni ngezinto ezinqondene nawo,” kusho uMkhwanazi.
Uphinde wayalela uMnyango wezemali ngaphakathi emaphoyiseni ukuthi ubale izindleko ezenzekile kuhulumeni ngalesi senzo samaphoyisa ngento engahlangene nomsebenzi aqashelwe wona.
“Isikhathi sombuso nezindleko zokuhamba kwaleli veni lombuso kumele zikhokhwe yilawa maphoyisa. Umphakathi uhlale ukhala ngokuthi uma ufonela eziteshini zamaphoyisa, kuthiwa izimoto kazikho”
Kanti amaphoyisa axhaphaza zona izinsiza ezishodayo,” kusho uMkhwanazi.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



