Izindaba

Kubanjwe umsolwa omkhulu obeseqede imfuyo kwaNongoma

SEKUZOKWEHLA nobuthongo kumphakathi wasesigodini oBandlaneni, kwaNongoma, kulandela ukubanjwa kubulawe inhlwathi ebisiqede imfuyo.

Nakuba abafuyi sebezothola ukulala ebusuku kubongwa abafana bezinkomo
okuthiwa bayibhadame ingingile isingasakwazi nokunyakaza.

Kuthiwa beyishuthi isanda kuginga intondolo yembuzi ebisanda kuyimimilita.

Ngaleso sikhathi kuthiwa bebeyolanda izinkomo entabeni ukuze bazibuyisele emakhaya.

Ukhansela wakuwadi-14, uMnuz Smanga Mbatha utshele iScrolla.Africa ukuthi le nhlwathi ibisiqhathe imindeni nezihlobo ngoba kungekho owaziyo ukuthi ubani oweba izimbuzi endaweni.

“Izimbuzi bezilokhu zinyamalala nobekwenza abantu bagcine sebesolana bodwa.

Ekugcineni iqiniso livelile ngenxa yesibindi salaba bafana abebeyofuna izinkomo ngesikhathi befica umsolwa omkhulu okuyiyo inhlwathi lena isigingile isuthi imbuzi,” kusho uMbatha.

Uthe abafana bayisikile kwatholakala imbuzi isifile kodwa isikhumba sayo inhlwathi nezinye izinsalela zayo bazibekile ukuze bazidayisele izinyanga njengoba kuthiwa isikhumba sayo singumuthi onzima kakhulu.

UMbatha uthe indawo yakhe inebhadi ngoba kade bexakwe inyathi ebibulala abantu, kwaba ibhubesi elacishe labulala umfana kanye nendlovu.

Uthe ezinye zalezi zilwane zeqa eziqiwini ezingomakhelwane.

Related Articles

Back to top button