Ezemidlalo

Aphele isidumo amathikithi ezinkunzi koweNedbank

ASEPHELILE amathikithi omdlalo wamanqamu eNedbank Cup phakathi kweKaizer Chief ne-Orlando Pirates.

Kusuke isiphithiphithi esikhulu ngoMsombuluko ekuseni njengoba abalandeli begcwale ezitolo beyofuna amathikithi omdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup.

Kuvukwe kwezinye izito zaseCheckers nezaseShoprite sekuvele kunesinyokotho sabantu ababambe olayini wokuyothenga lamathikithi.

Ukudayiswa kwawo kuvulwe ngoMsombuluko ekuseni ngo-10, kodwa kuvela ukuthi kushaye o-6 ekuseni abanye sebevele bekolayini.

Enye indlela obekuhloswe ngayo ukugwema isiphithiphithi wukuthi lamathikithi e-Nedbank Cup adayiswe nakwi-inthanethi.

Kodwa nakhona kuvele kwabhimba njengoba iwebhusayithi obekuthengwa kuyo ivele yajama.

Nasezitolo nakhona kukhalwe esifanayo kwathiwa imishini isivele yajama, yanqaba ukusebenza.

Nokho abantu babe nesineke belokhu bemile, benethemba lokuthi kuzolunga.

Kodwa abanye bavele bashaya izibalo, babona ukuthi noma bengalinda, bazofika esephelile amathikithi.

“Ngenxa yesibalo esiphezulu ngokweqile sabantu abafuna amathikithi omdlalo weNedbank Cup weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, sesibe nenkinga yokujama kwemishini.

“Kodwa leyo nkinga seyibuye yaxazululeka,” kusho iComputicket esitatimendeni esifake ezinkundleni zokuxhumana.

“Siyabonga ngokubekezela nesineke senu nokuqhubeka nokuseseka kwenu ngokukhombisa le ntshisekelo engaka.”

Yize kungakabi khona sitatimende esisemthethweni, kukholakala ukuthi liyoshona elangoMsombuluko esephelile wonke lamathikithi.

Lokhu kuzokwenzeka yize inani lawo linyuswe kakhulu njengoba libiza u-R150 ngalinye elijwayelekile bese eya ngokunyuka.

Lisenethini.com

 

Related Articles

Back to top button