Izindaba

Zimkhalele owesifazane (21) ngezinsolo zokuthumba usana luzelwe

Liyah Mseleku

ULAHLWE elakubo owesifazane oneminyaka engu-21 ududala obefunelwa icala lokuthumba usana olunamasonto amabili luzelwe eThekwini.

Usana lwaduka emtholampilo waseChesterville, kuleli dolobha ngenyanga edlule.

Usana obeluthunjiwe lutholwe lunganamyocu ngaphandle kokuthi beliphuza amanzi njengenkalankala

Ngokombiko wenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ikwaze ukuhogela umkhondo yabhadama lo wesifazane.

Usana u-Owami Lonathando Sindani lutholwe lunganamyocu ngoMsombuluko ngasenxanxatheleni yezitolo zase Pavilion.

Ongogaba bathi bathole umbiko izolo uvela kuBongiwe Sindane ebazisa ngakho ukuthunjwa kosana nokuyilapho behlabe khona umkhosi nebala kwagcina kuboshwe lo msolwa.

Kubikwe eMgungundlovu, KZN, Limpopo Province, Cape Town eWestern Cape nase Johannesburg eGoli ukuthi akuqashwe.

Nebala kubonakale umuntu wesifazane ebuya ekhaya nosana esolisa.

Kuthe ezintathakusa ngoMsombuluko onogana bavala zonke izintuba eChesterville, eKZN njengoba bese kuzwakale ukuthi ungalapho.

Izingede zibike ukuthi lo wesifazane usezinhlelweni zokweqa kulesi sifundazwe kwabe sekuvalwa zonke izintuba zokungena nezokuphuma.

Ngaleso sikhathi bekundiza ibhanoyi phezulu nelisize ngokuthi libone owesifazane ephethe ingane esolisa.

Uma emiswa kubuzwa ngosana kwatholakala ukuthi impela uphethe uSindane wabe eseboshwa khona lapho.

Nokho usinde kukubi ngoba umphakathi ubufuna ‘ukuxoxa’ naye.

Unina wosana ufike lapho kuboshwe khona umsolwa wCator Manor nebala wamhlonza njengomuntu othumbe usana lwakhe.

Ngesikhathi exinwa ngemibuzo umsolwa uvumile ukuthi waluthumba usana kulandela ukuthi ephuphunyelwe yisisu ngomhla ka-24 kulo nyaka.

Wahlangana noBongiwe Sindane emtholampilo wasendaweni nalapho ekhanda itulo lokubaleka nosana ukuze eyojabulisa isoka lakhe.

Emuva kwalesi sigameko kuvela ukuthi wabe esevakashela lona isoka eChesterville ezolikhombisa ingane ‘yabo’.

Lutholwa nje usana luphuza amanzi njengenkalankala njengoba belungathengelwe ubisi.

Related Articles

Back to top button