
Izigemegeme zowoKhozi FM noMthandeni
Sihle Mkhize
Izigemegeme zomsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela aziqali futhi mhlawumbe ngeke ziphele manje.
Lokhu kulandela impi yamazwi elokhu iqhubeke njalo ezinkundleni zokuxhumana ngisho emcimbini lapho behlangana khona.
Muva nje, indaba yabo ibisematheni ngenxa yetemu elisha “istudio” esihumushwa njengomontu wesifazane owenza naye inkonzo yasekamelweni.
UZimdollar wakhipha isaziso mayelana nokubeka phansi umbhobho ekuphathweni kwezinhlelo emcimbini.
UMthandeni wabe esebhala ukuthi “finally” wafaka nenhliziyo ebomvu, abaningi bahumusha lo mbhalo njengobhuqa uZimdollar.

Umlandeli wabe esebhala kanje: “Sekukhohliwe lokhu kwestudio ukuthi wake warecorder kuso”
“UBass uphezulu laphaya udlula isigingci” kunanela uMthandeni.
Le nkulumo isuka ngesikhathi uMthandeni ethi isinqa osazi ebumnyameni awusiphapheli ekukhanyeni ebhekise kuZimdollar.
Ephendula eyestudio uZimdollar wathi: “Inja uma sewuyithuma uphuthu kuklewule yonke imidlwane yayo ekubeni kade isineka ingidelela. Klifi Klifi bekudlalwa nje. Anoke nikhuzane niyeke ukuhlomekisana,” uZimdollar ebusiya izinduku.
Lempi yashuba ngesikhathi lo msakazi efusegisa uMthandeni wamphuca nombhobho esacula.
UZimdollar wakwenza lokhu emcimbini iMother of All Maskandi Festivals, ePeoples Park, eThekwini. IPurpose yabika ngalesi sigameko ngo-April 7, 2024.
Onogada babe sebemkhipha ngoshova namagidangoma wakhe.
Lesi sehlakalo sashiya abaningi bebambe ongezansi abanye bejikijela lo msakazi ngamabhodlela esteji benziwa intukuthelo.
Lo mcimbi wawuhlelelwe abaculi baMaskandi njengoba bebencintisana kumklomelo weQuantum.
“Fusegi, Sanibonani, ngifuna ukunitshela ukuthi kwenzakaleni, lalelani la iMother of All le, asizodlala uMthandeni,” usho kanje uZimdollar esteji abantu bamjikijela ngamabhodlela.
Enaba kabanzi lo msakazi usuphelile umcimbi wathi uMthandeni akawuhloniphi umsebenzi.
“UMthandeni ubeqashwe njengomuntu onamava ukuzobusisa lo mcimbi, isikhathi abekufanele angene ngaso esteji u-7 kodwa washaya wadlula.
Kuthe sekushaye no-9 sabona kuncono sifakele abaculi esize ngabo nabafake izimali zabo kulo mncintiswano.
Ufike sekudlule isikhathi, ekuqaleni ubengasazibambi izingcingo nemenenja yakhe uMasondo.
Esefika wazisiwe ukuthi akahoxe wavuma. Ube esephuma ngale nabangani bakhe bakhipha uDJ kwangena yena.
Angikhathali noma ngabe uyinsizwa engakanani ufusegi ufusegi nje.
Sekuwumlando nokho ukuthi iQuantum ahamba noGatsheni wodumo lwengoma iHit After Hit.



