
ISundonws idliwe yiGalaxy kwajabula uwonkewonke
IQEMBU leTS Galaxy inenebule iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Igoli leRockets livalelwe enethini uKamogelo Sebelebele ngomzuzu ka-44. Leli qhawe leGalaxy liphinde lakhala lemuka nendondo yokuba umdlali ovelele eLoftus Versfeld Stadium.
IRockets ilwe kanzima ukuthola le wini engandele bani kwiSundowns esanda kubhaxabula i-Orlando Pirates ngo 4-1.
Lo mphumela weRockets uvimbe iSundowns ukuthi inwebe igebe phezulu kwilogi yeBetway Premiership.
Igebe lisahleli emaphuzwini ayisishiyagalolunye esikhundleni sangu-12 ukube inqobile kwiRockets.
Bese kungokwesibili iSundowns ihlulwa kwiligi kule sizini.
Lona umphumela muhle kakhulu emaqenjini ahubha iSundowns okubalwa i-Orlando Pirates, esendaweni yesibili.
Ukunqoba kweGalaxy kuvuselele umjaho wesicoco, kwaqiniseka ukuthi awujabhisi njengaseminyakeni edlule lapho khona iSundowns ibivele isheshe ivule igebe kucace ukuthi iligi ibhekephi.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso uthembise ukuthi iqembu lakhe lizozithintitha bese libuya ngamandla.
“Yithi ebesiphethe umdlalo futhi iGalaxy beyivika thina wonke umdlalo. Wukuthi nje besingenawo umdlandla ebesiwudinga.
“Umdlalo wethu wesine lona emahoreni angu-72 futhi sikujezele lokho.
“Sibe namathuba angcono futhi bekufanele sishaye igoli kodwa sachithwa yigoli ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.
“Besingenawo amandla esiwombeni sesibili,” kusho uCardoso.
UCardoso uthe uthatha izifundo ngokuhlulwa kwakhe okokuqala kwiligi, futhi wathembisa ukusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi babuya ngamandla engeziwe.
“Isifundo esokuthi siqhubeke sibheke phambili, siqhubeke nokusebenza. Sizovuka kusukela namuhla, futhi ngokuqinisekile sizobuya namandla angeziwe.”
Kuthe lapho kukhala impempe yokuqeda umdlalo, bekungebona abalandeli beGalaxy kuphela abajabulile kodwa bekuneme uwonkewonke.



