
Kuxabene ubendle kwiMKP uDuduzile ethuka uFloyd
IQEMBU lezepolitiki i-MK Party selinqumele ugwayi katiki ilungu layo lePhalamende uNkk Duduzile Zuma Sambudla ophinde abe yindodakazi kaJacob Zuma.
Lokhu kulandela ukuthi uDuduzile enamekeke imibhalo ethuka unobhalala jikelele waleli qembu uFloyd Shivambu ojoyine leli qembu ngasekupheleni konyaka odlule.
Leli qembu liveze ukuthi liyazi ngale mibhalo kaDuduzile ebhekiswe kunobhala wayo laveza nokuthi iwukwephula imigomo futhi ayihambisani nomthetho wokuziphatha waleli qembu.
Liqhube ngokuthi lesi senzo sikaDuduzile sikhombisa ukuhlakaza nokuthunaza iqembu.
Ngokusho kwesitatimende saleli qembu uMengamli walo uMnuz Jacob Zuma onguyise kaDuduzile usemyalele ukuba axolise ngaphandle kokubeka imibandela kuNobhala Jikelele, amalungu aleli qembu nakubona bonke abantu baseNingizimu Afrika.
UZuma uphinde wayalela uDuduzile ukuba axolise nasezinhlakeni zaleli qembu angaphansi kwazo okubalwa ikhokhasi yeMK Party ePhalamende likazwelonke nakwi-Pan African Parliament.
Umyalele ukuba akhiphe lezi zixoliso ngokushesha. I-MK Party iveze ukuthi ngemuva kwalokhu kuzobe sekuqhubeka uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe lwangaphakathi oluhambisana nomthetho sisekelo waleli qembu.
Isitatimende siqhube ngokuthi uma uDuduzile ehluleka wukulandela le miyalelo uzothathelwa izinyathelo ezinqala ezingaholela ekutheni bunqanulwe ubulungu bakhe kuleli qembu futhi ahoxiswe kuzona zonke izinhlaka alimele kuzona.
UDuduzile enkundleni yokuxhumana i-X ubhale ukuthi “UFloyd uyinto engenamsebenzi” neminye emthukayo ethi Fuc#$& Floyd, abuye ababize ngomafikizolo eqenjini.



