Izindaba

Uqede ukuqagela uNdlozi ngekusasa lakhe ne-EFF

UQEDE ukuqagela uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngekusasa kwezepolitiki emuva kokushaywa ngesithende iqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF).

UNdlozi udalule ukuthi usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela eyehlukile kweyepolitiki.

Uthe ubengakaze acabange ukushiya kwipolitiki yamaqembu kuze kube manje kodwa ubona sekuyisikhathi sokusebenzisa ithalente ngenye indlela manje.

Uthe okumqoka wukuhluza izingqondo zabantu nokubakhulula emakentangweni obugqila bezinsuku esezadlula. Ubonge i-EFF ngethuba alitholile ngokulimela ezinhlakeni ezahlukene nasePhalamende likazwelonke.

Echaza ngokwenzekile ngaphambi ngokuba athathe lesi sinqumo uthe wamiswa kuleli qembu ngezinsolo ezishaqisayo zokuthi ubesenzisana neqembu iMK Party ngenhloso yokuqumba phansi i-EFF nokuthi akabutshelanga ubuholi baleli qembu ngokushiya kukaMnu Floyd Shivambu.

Ukuchithile ukusebenzisana neMK Party futhi wakubeka kwacaca ukuthi akukaze kumfikele ukujoyina leli qembu futhi namanje akazimisele ukulijoyina.

Mayelana nodaba oluthinta uShivambu uvumile ukuthi nebala lo mholi wamazisa ngesinqumo sakhe sokushiya i-EFF eyojoyina iMK Party.

Mayelana nalokhu uthe kwakungekho kuyena ukuthi kube nguye owazisa ubuholi lezi zindaba ngoba kwakuwudaba lukaShivambu ngakho kwakuwumsebenzi wakhe ukutshela ubuholi ngesinqumo sakhe.

Uthe ukube kwaba nguyena owazisa ubuholi ngalesi sinqumo kwakuzothatheka njengomuntu ohlebayo noma ohambela abanye ngemuva.

Kuzokhumbuleka ukuthi kubikwe kaningana ngokunyamalala kukaNdlozi emcimbini eyahlukene ye-EFF waze wangabonakala nangesikhathi leli qembu libambe ingqungquthela yayo ebalulekile iNational Peoples Assembly.

Kuzona zonke lezi zikhathi i-EFF ibingafuni ukuphumela obala ngalo mholi njengoba ibilokhu ingena ezintangeni kanti noKhomanda waleli qembu uMnu Julius Malema kwesinye sezithangami sabezindaba waze wabhoka ngolaka engasafuni ukubuzwa ngoNdlozi wakubeka kwacaca ukuthi i-EFF ayikho ngoNdlozi njengoba inamalungu amaningi.
Ilanga

Related Articles

Back to top button