Isilomo somsakazi engozini yemoto enyantisayo ku-N3
Bahle Mkhize
KUBONGWA umusa kaNkulunkulu kusinda engozini isilomo somsakazi weJozi FM, uPenny Ntuli, ngoLwesibili ebusuku.
UPenny usanda kuba sematheni ngo-Ephreli engayivuseleli inkontileka yakhe neGagasi FM ekhala ngomholo kaR2800 ngenyanga. Uvumbuke esekwiJozi FM.
Le ngozi ecishe yathatha impilo yakhe yenzeke emgwaqeni uthelawayeka uN3, eBoksburg ngesikhathi kuqathaka isigodo elolini liqonda ngqo emotweni yakhe. UPenny ube esebhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi unqume ukunyusa imoto yakhe ayise eGoli esuka eKZN, eThekwini ngoba useqala ukujwayela indawo kanti kuzokwenzeka ingozi.
“Lapho ukube sike sanyathela ama-brakes, ngiyazi bekukhona ebezizosingena ngemuva. Ukuba ngike ngazama ukulivika ugodo ngaya ku-slow lane bengizozifaka kwenye imoto. Iyodwa into ebengingayenza laphana ukuyoziphosa etshanini. Noma ngabe ngenzeni ibizolimaza imoto. Kodwa akulimalanga muntu, sengibonga lokho”, kusho uPenny.
Nakuba engavezanga embhalweni wakhe ukuthi bebehamba bebangaki kodwa kusolisa ukuthi ubengahambi yedwa.
Umlandeli kaPenny Maphungula Nkedama Maka Mfana uzwakalise ukuzwelana naye ebonga nokusinda kwakhe.
“Sibonge ukuthi umphefumulo usahlangene nenyama. Usengakwazi ukulungisa imoto kodwa thina njengabalandeli, abangani nomndeni ngeke sikwazi ukubuyisa umphefumulo wakho. Siyabonga sisi uMdali ekuhlengile sengathi angakupha amandla ukwazi ukulungisa imoto,” kubhala uMaphungula.
Ngaphambi kwalesi sigameko u-Penny uke wafaka umbhalo ekhasini lakhe obudida abaningi. Kusolisa ukuthi ubuyisibikezelo sokuthi uzokwehlelwa ingozi ngoLwesibili.
“Wake wavuka ungazizwa kahle emoyeni? Nakhona hhayi ukuthi kukhona into ethile ekudinile kodwa umoya wakho uyawuzwa ukuthi uphazamisekile. Kunjalo futhi awukwazi ukuchaza isizathu kodwa uyawuzwa nomzimba ukuthi uyala,” kubhale uPenny.