
Imibuzo nge-ANC evotele amatuck shop abantu bokufika
Liyah Mseleku
KUSHIYE imibuzo ukunqaba kwe-ANC ukuthi kwenziwe uphenyo izitolo zabantu bokufika abenganazimvumo zokuba seNingizimu Africa.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kuvota amaqembu ahlukahlukene oMkhandlu weTheku.
I-EFF, IFP namanye amaqembu amancane aseke isiphakamiso se-Action SA kodwa ngenxa yokushoda kwamavoti kwabhuntsha ukuphasiswa kwaso.
Kuzokhumbuleka ukuthi kunezigameko eziningi esezike zabikwa mayelana nokufa kwabantu ikakhulukazi izingane.
Abantu bafa nje ngenxa yokudla okuthile abasuke bekuthenge kumatuck shop abantu bokufika. IPurpose isike yabika kaningana ngalezi zigameko.
UMnuz Zwakele Mncwango usezwakalise ukuphoxeka kwakhe ngalesi senzo sala maqembu.
“Bengingayilindele eyokuthi -ANC eThekwini inganqaba ukuthi kwenziwe uphenyo ngama Tuckshop asengamelwe abokufika abangenamvume yokuba eSouth Africa. Ngiyabona okweDA vele ayinandaba nomnotho waselokishini ngoba owabantu abamnyama,” usho kanje.
Uqhuba ngokuthi i-ANC ithi ayinankinga nabokufika abangenamvumo abaqhuba amabhizinisi, futhi abavumi kushawe umthetho obavimbela ukuthi baqashe noma athenge amaTuckshops.
“UKhongolose ukhombisile namuhla ukuthi awunanda nabahlali baseMzansi kodwa bafukamela abantu bokufika abangenamvumo. Angibonge ku EFF, IFP namanye amaqembu amancane aseke i-Action SA, yiwona kuphela amaqembu abeke phambili umuntu waseSA.
Mphathi Mhlongo uphawule kanje ezinkundleni zokuxhumana: “Angimqondi umuntu osavotela i-ANC esikhathini samanje ngaphandle kwalabo abahlumulayo kodwa uma ungatholi lutho nje usuke unenkinga,” usho kanje.
UZethembe uthe: “Yini eyenza bengavumi abanye? Ngoba ITheku lonke ama tuckshop akhona ngicabanga ukuthi u15% aphethwe abantu base Mzansi bese kuthi yonke ingxenye iphethwe abaqhamuka e-Ethiopia, Somali neNigeria uma kungewona amaPakistan. Lento ibuhlungu akukhona ukuthi abantu baseMzansi abafuni ukuba nezitolo inkinga bashiyelana bodwa abokufika,”