Uqhubeke nempilo umlingisi obemshadweni omuncu
Bahle Mkhize
UMLINGISI weSkeem Saam uPatric Seleka (32) owaphumela obala ngokuhlukumeza unkosikazi wakhe useqhubeke nempilo.
“Bengihlukumeza ngokomoya. Kungithathe isikhathi eside ukubona lokho. Ngithanda ukuzehlisa emndenini wakhe nakubo bonke abantu abathintekayo ngiyaxolisa kakhulu,” usho kanje.
Lo mlingisi odlala indawo kaKat kulolu chungechunge kuSABC 1 utshele iDaily Sun ukuthi nokuhle kube khona ngonyaka ofile.
Wethule uhlelo lokupheka iThe-Cook-A-Long, kuNetflix.
“Nakuba zibe khona izigemegeme ngonyaka odlule kodwa okuhle nomusa kungilandelile. Ngijabulile manje (ekhomba isingqandamathe sakhe uTshepang). Okunye okungithokozisayo wukuthi uhlelo lokupheka luqokiwe kwiSouth African Television & Film Award (Safta),” usho kanje.
Khonamanjalo iPurpose ngoJulayi yabika ngokulengela eweni umshado kamlingisi uSello Maake-kaNcube.
UNkosikazi wakhe uPearl Mbewe waveza ukuthi iyona qobo imbangela eyenza umshado wabo ubentekenteke.
Pearl Mbewe waphumela obala okokuqala ngqa ngezingqinamba ababhekene nazo emshadweni wabo osekuphele iminyaka emithathu bekuwo.
Kwase kuputshuke kaningi izindaba zokuthi umshado wabo ulengela eweni kodwa babuye babonakale ezithombeni bekhombisa uthando.
Okwenze uMbewe aphumele obala ngomshado wakhe isigameko sakamuva lapho kuthiwa ushaywe waze wabheja ihlo labomvu ngesikhathi behambele iGrahamstown Festival, e-Eastern Cape.
Enye ingxenye yezinto ezabhalwe uMbewe kwisitatimende: “Ngizoqala ngikuveze ukuthi imina uqobo engidale izinkinga kulo mshado. Ukhumbule ukuthi ngikhuliswe umzali oyedwa okwenza kwesinye isikhathi izinto ngizenze ngendlela yami ngedwa kwazise ngizifundise ngisemncane ukuthi izinto kumele ngizenzele. Lokhu kudale ukuthi sicishe sifike esivumelwaneni sokuthi sidivose noma siqhubeke sincenge,” kuchaza yena.
Wazisola ngokuthi ubebuye axoxele abangani izindaba zasemshadweni wakhe.




