Kubatshazwa impi esigodlweni sebandla umfundisi elwela intombi
KUME yonke into ngeledlule ebandleni Izethembiso Faith Church eMtubatuba ngesikhathi abaholi balo ababili betholana phezulu ngesibhakela phambi kwabanye abazalwane.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke esigodlweni saleli bandla khona eMtubatuba.
Kuvela ukuthi uMfu Ndabenhle Dlamini nomngani wakhe uMfu Zakhele Malinga kubonakale ngabo sebehluthana ngesibhakela egcekeni ngesikhathi inkonzo ngaphakathi iqhubeka.
Kuthiwa uDlamini uyena umholi webandla, bese kuthi uMalinga abe sesigungwini esiphezulu esilawula leli bandla.
Amalungu ebandla akhulume neSolezwe athe ezwe sekundiza emoyeni igama likaNoluthando Mpinga, okhonza kuleli bandla.
“UMalinga ubebuza uDlamini ukuthi uthandana kanjani noNoluthando ekubeni azi kahle ukuthi uhlela ukumlobola,” kulandisa umthombo.
Uqhuba, uthe kugcine sekulamula amakholwa njengoba bekubonakala ukuthi uMalinga uyamgojela uDlamini njengoba ebesephezu kwakhe esho nokusho ukuthi yena “akenziwa njalo”.
“Thina besingazi nokuthi laba babanga intombi. Baze basihlaza naba abantu,” usho kanjena.
Kuthiwa ngesikhathi behluthana ngesibhakela, uNoluthando ubengakafiki enkonzweni.
“Sisola ukuthi kukhona omshayele ucingo wamazisa ngesigameko wase ebona ukuthi makangabe eseza,” kuchaza umthombo.
Ephawula uMalinga uthe okumphatha kabi wukuthi ibandla lakhe lizovela emaphephandabeni ngodaba olubi kangaka.
“Wohhe, bhala mfowethu ngoba vele ngiyazi utshelwe yibona laba engisonta nabo. Silwile noDlamini kodwa ukuthi besibangani anginawo amandla okukhuluma lokho nawe,” usho kanjena.
UDlamini yena uncenge ukuthi noma libhalwa udaba kodwa ligodlwe igama lebandla futhi kugodlwe namagama wabo.
Uvumile ukuthi kube nento enjengalena, wathi kodwa akekho sesimweni esikahle sokukhyluma.
Ethintwa uNoluthando, uvele wanxapha wathi akanaso isikhathi sokukhuluma ngomsangano, wavala ucingo.
Umthombo uthi kunabazalwane abaningi abacabanga nokuphuma ngenxa yesigameko abathi sibacikile.
Ethintwa uNoluthando, uvele wanxapha wathi akanaso isikhathi sokukhuluma ngomsangano, wavala ucingo.
Umthombo uthi kunabazalwane abaningi abacabanga nokuphuma ngenxa yesigameko abathi sibacikile.
Kubuye kwavela ukuthi uMalinga noDlamini babe nomhlangano ngoLwesine nesigungu sebandla.
“Asazi nokuthi ubani obize lowo mhlangano kodwa sithole ukuthi uDlamini uphume waduba ungakapheli,” kusho ilungu lebandla elicele ukuba kugodlwe igama lalo