Ezokungcebeleka

Idili lomculo weJazz eWushwini ngoMgqibelo

Le festival yasungulwa ngo-2013 izovulwa ngoLwesihlanu bese isongwe ngeSonto

KWANDE kaZIKIZA

ITHAKWE ngamaciko ahlonishwayo ezweni i-Uhuru International Festival ezoqhuba izinsuku ezintathu eWushwini Pan African Centre, KwaNgcolosi, ngempelasonto.

Le Festival izogadla ngoMbuso Khoza noMondli Ngcobo okulindeleke ukuthi bahlanyise abantu.

Kuhlelelwe usuku lwangoMgqibelo ebusuku ukuthi kube yilo okujatshulwa ngalo.

UKhoza ongusomlando, umlingisi wethelevishini ogcine ukubonakala elingisa kuMkhokha: The Curse kanti uMondli ongumculi futhi ubuye abe nguphrojusa.

Le festival yasungulwa ngo-2013 izovulwa ngoLwesihlanu bese isongwe ngeSonto.

UJerry Pooe ongumsunguli Uhuru International Festival nongumphathi waseWushwini uveze ukuthi balindele izinga eliphezulu kwabazobe benandisa.

Uthe kuzobe kuzobe kubungazwa umgubho weminyaka engu-30 iNingizimu Afrika yathola inkululeko.

UPooe ohlonishwayo kuleli ngokubhala imidlalo yeshashalazi ehlabahlosile uthe ezobuciko zadlala elikhulu iqhaza ekulweni nobandlululo eminyakeni eyadlula.

“Leli zwe selidlule ezingqinambeni eziningi ngaphambi kokutholwa kwenkululeko. Amaciko adlala enkulu indima ekududuleni impi yobandlululo ngokuqamba izingoma ezisavusa uhlevane,” kusho uPooe.

Kulindeleke ukuthi kubonakale amaciko aqhamuka emazweni angomakhelwane okubalwa iZimbabwe, Lesotho neGhana.

Ngaphandle kwedili lomculo kulindeleke abazohambela lo mcimbi babukiswe ingqephu ehlobe ngemibaa yase-Afrika.

UPooe uthe ulindele izinhlanga ezahlukene ukuthi ziwuhambele lo mcimbi. Ngale kwalokho uhlose nokudayisa igama lesifundazwe ngenhloso yokuheha abatshali zimali.

 

Related Articles

Back to top button