Amadodana ezihlabani zeKwaito zivusa oyise ngengoma
Bathi bahlose ukuhamba ezinyathelweni zoyise abashukumisa indima yomculo ngamanoni eKwaito
KWANDE kaZIKIZA
AMADODANA ezihlabani zeKwaito esezadlula emhlabeni uMandoza noBrown Dash seziqambe iculo ngokuhlanganyela ngenhloso yokukhumbula oyise.
UHarry (igama lakhe langempela uTumelo Tshabalala) ozalwa uMandoza noZwano (onguKutlwano Mabitsela) ongokaBrown Dash basanda kudedela iculo eliyi-single elisihloko sithi uMdali.
Bathi bahlose ukuhamba ezinyathelweni zoyise abashukumisa indima yomculo ngamanoni eKwaito ayehlanyisa abantu ezindaweni zokujuxuza.
Ephawula ngale ngoma uZwano uthe, “Kule ngoma siqhakambisa ukuthi ngaso sonke isikhathi kumele umfake uMdali ezinhlelweni zakho.
“Ngale ngoma siphakamisa ukuthi siyazi ukuthi njengoba sebadlula emhlabeni kodwa basibhekile futhi basigadile.”
UHarry, ofundela i-sound engineering, uthe banqume ukuthi basebenze ndawonye kwazise oMandoza noBrown Dash bayibekile induku ebandla.
Uthe njengoba oyise baze bahamba emhlabeni bengaqophanga ndawonye, ukuhlangana kwabo sekufana nokuvala isahluko nokufezeka kwephupho.
Bavumile ukuthi angeke kube lula ukuthi bafike ezingeni loyise kodwa bakholwa ukuthi umsebenzi abawuhlanganisile uzokwamukeleka kubantu.
UHarry akamusha emculweni njengoba ngonyaka odlule wakhipha i-albhamu esihloko sithi Soweto’s Weapon egabe ngomculo we-Rap.
Lezi zinsizwa ezisencane zaseSoweto ziveze ukuthi ngokuhamba kwesikhathi zizokhipha i-Extended Playlist (EP) ezodlisa ngezingoma ezinesigqi se-kwaito, aMapiano ne-Hip Hop.
UMandoza, owashona ngo Septhemba 8 ngonyaka ka-2016, waduma ngezingoma ezifana nezithi Nkalakatha, Indoda, Uzalwa Umabani kanti wawola imiklomelo eminingi.
UBrown Dash yena owadlula emhlabeni ngo May 9 ngonyaka ka-2012 wazinameka ezinhliziyweni zabathandi bomculo ngamanoni afana nathi Phansi Komthunzi Welanga, Sguqa Ngamadolo neVum Vum.