Ezemidlalo

U-Andy Murray uthembisa lukhulu ngendebe yeWimbledon

Lo mdlali uzohlanganisa iminyaka engu-37 namhlanje, kulindeleke ukuthi athathe umhlalaphansi kule sizini

Siwe Shozi

UMDLALI wetennis u-Andy Murray usethembise ukuvikela indebe yeSurbiton njengengxenye yamalungiselelo eWimbledon.

Lo mdlali webhola lomphebezo ongowokuzalwa eScottland waguqisa uJurij Rodionov kowamanqamu. Kwenzeka lokhu emdlalweni weSecond-tier Challenge Tour ngoJuni wangonyaka odlule.

Indebe yeSurbiton izoqondana nesonto lesibili leFrench Open. UMurray kulindeleke ukuthi ayidlale okukuqala kusuka ngo-2020. Lokho kuchaza ukuthi akalindelanga ukuhlala eParis.

UMurray uzohlanganisa iminyaka engu-37 namhlanje, kulindeleke ukuthi athathe umhlalaphansi kule sizini.

Uveze ukuthi ufuna ukuzilungiselela kakhulu, ngaphambi nje komdlalo wamanqamu weWimbledon.

“Yize senginesikhasana ngagcina ukudlala kodwa anginalo uvalo, ngisafuna ukusigcina lesi sicoco,” kusho uMurray.

Uzobe esedlala emcimbini we-ATP Tour eStuggart ngesonto elilandelayo, ngaphambi kokuthi aye e-Queens Club.

Ukulimala kwakhe ngoMarch kumdlalo weMiami Open kumenze wangazibandakanya nebhola lomphebezo, kodwa ke uthembise ukwenza ezibukwayo kuleli sonto eBordeaux.

Ngonyaka ka-2016 wabungaza usuku lakhe lokuzalwa ngokuthi ehlule enye imbangi yakhe uNovak Djokovic kowamanqamu weRomes Masters, wabe esezitholela amaphuzu amahle kakhulu.

Imidlalo ebhekwe kakhulu oweGenera Open (ATP250), Lyon Open (ATP250) kanye noweMorocco Open (500) yonke lemidlalo izoqala mhla ka-20 iphele ngoMeyi 26.

Related Articles

Back to top button