Angenile amanzi endlini kuqubuka isifo seMonkeypox
izimpawu zaso zihlanganisa umkhuhlane obuhlungu ohambisana namaqhutshana anjenge-rash emzimbeni kanye nezindlala
Siwe Shozi
ANGENILE amanzi endlini kutholakala isiguli sokuqala esifundazweni saseGauteng sineMonkeypox. Lesi sifo sineminyaka 35 saba khona kuleli kodwa besibuye sinyamalale.
Ngokombiko weZempilo eGoli lesi siguli esingeke sidalulwe igama laso siqale sahlolwa inkampani ezimele iLancet Laboratory ngesonto eledlule. Ngokuhamba kwesikhathi kube sekuqinisekiswa yiNational Institute for Communicable Diseases (NICD) kwase kuhlatshwa umkhosi.
Uphenyo lokuqala kanye nombiko ngalesi siguli ukhombisa ukuthi asinawo umlando wakamuva wokuhambela amazwe ahlobene nokuqubuka kwalesi sifo.
IMonkeypox akusiso isifo esithelelanayo kakhulu, izimpawu zaso zihlanganisa umkhuhlane obuhlungu ohambisana namaqhutshana anjenge-rash emzimbeni kanye nezindlala.
Iziwombe zalesi sifo kwagcina ukuthi kubikwe ngazo ngo-Agasti wangonyaka ka-2022. Kubuya lesifo nje iNingizimu Afrika isabhekane nesifo sophenyane, esilokhu sihlasele abantu kusukela ngoNhlangulana.
Okhulumela uMnyango weZempilo uMnuz Foster Mohale uthe, lesi sifo asijwayele ukubulalana. Kuphela sidinga ukwelashwa nje okungenzeka kuthathe isonto kuya kwamabili. Kuthiwa isiguli asidingi ukuyolala esibhedlela kodwa kufuneka umuntu osehaqekile ahlale ngayedwana aze alapheke.
“Sizoqhubeka siwuMnyango ukubheka ukuthi azikho yini futhi ezinye izigameko ezihambelana nalezi,”kusho uMohale ephetha.
Bekungakabikwa lutho edolobheni laseThekwini kodwa kunxuswa ukuthi abantu baqaphele.