Izindaba

Kutholwe indoda idutshuliwe ngentululwane yezinhlamvu eNdwedwe

Umshayeli wetekisi obedlula uthi uzwe ukuqhuma kwesibhamu ekaqe eqeda nje ukwehlisa abagibeli

Siwe Shozi

KUDUTSHULWE kwabulawa indoda ngentululwane yezinhlqnvu eNdwendwe, emgaqweni uP100 mawuqeda ukudlula ka Khasimbe kule ndawo ekwakhiwa kuyo amablocks.

Umshayeli wetekisi obedlula uthi uzwe ukuqhuma kwesibhamu ekaqe eqeda nje ukwehlisa abagibeli kwesinye isitobhi.

Uthe uma ezwa lowo msindo wabe esenikela lapho ezwe ngakhona ukuqhuma kwesibhamu. “Bengifana ukuqinisekisa ukuthi ngabe akekho yini odutshulwayo. Ngifice indoda idindilizile ilele edamini legazi,” kusho umshayeli wetekisi.

Emuva kokuba esebonile ukuthi ngampela kukhona odutshuliwe, akabange esachitha sikhathi wafonela abakwa Reaction Unit South Africa (RUSA) Operation Centre ecela usizo kusihlwa izolo.

Ngokombiko abakwa RUSA abapholisanga maseko bafika ngokushesha endaweni yesigameko.

Kutholakale ukuthi le ndoda idutshulwe ngenvula yezinhlamvu ekhanda nokwenze yashonela khona endaweni yesigameko.

Bathi abakwa Reaction Unit kuzoqinisekwa maduzane ukuthi lendoda ingubani futhi ngeyakuphi.

Related Articles

Back to top button